UBaxter uveza okwenze aqale ngaphandle kwabagadli oNurkovic noCastro

UBaxter uveza okwenze aqale ngaphandle kwabagadli oNurkovic noCastro
ULeonardo Castro
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter usecacisile ngesenzo sakhe sokuqala umdlalo wabo neTS Galaxy ngempelasonto ngaphandle komgadli.

IChiefs iphinde yaxhashazwa yiGalaxy kulo mdlalo njengoba iyibhuquzise ngo 1-0 qede yayibhansela ngesnipho yokuyowasha ijezi njengoba ingeke isaqhubeka kwiNedbank Cup nje.

UBaxter uthi uphoqwe yizimi ezithile ukuthi aqale ngallei qembu alibophelile kulo mdlalo obuseFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

“Asiqalanga noSamir, Lebza (Lebogang Manyama) noLeo ngoba bebengekho ezingeni elifanayo nabanye ngokokulungela umdlalo.

“Sisethe iskimu ngendlela ehlukile ngoba besifuna ukusebenzisa iningi labadlali bethu abasefomini kulo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi odabuka eScotland.

“UMshini (Nkosingiphile Ngcobo) bekunguye onikwe umsebenzi wokungena ezikhaleni ukuze abacindezele afake udonga lwabo lwasemuva ingcindezi.

“Sidlalise noSiya (Siyabonga Ngezana) emuva kwesokudla ukuze azosala agade bese uNtiya (Siphosakhe Ntiya-Ntiya) yena eyanyuka alekelele uma sihlasela.

“Kodwa nabo laba badlali bethu ebesithi basefomini abazange babe nimdlalo omuhle, abazange bakhombise izinga esibazi ngalo.

FUNDA NALA: IPirates iyivove inkani iSauora kwiConfederation Cup

“Yingakho kudingeke senze izinguquko ngokuhamba komdlalo. Besazi ukuthi uCastro noSamir bengasinika imizuzu engu-30 noma 40 kanti uLebza yena ngeke akwazi ukwenza njalo okwamanje.

“Sizame indlela ehlukile yokuzihlela enkundleni nabadlali abahlukile ukuzama ukubuyela emdlalweni,” kuchaza yena.

Uthi yena ubengakuncamela ukuthi iqembu lakhe lidlale umbozo kodwa bese liwina. Nokho ke liwudlalile umbozo kodwa alangabe lisawina ke.

“Ngisho singangadlala kahle yize sinabadlali abahle, kodwa ngicabanga ukuthi ukuphisana ngegoli kanjeya bese uyeka amathuba amahle okushaya amagoli…

“Bekungaba wukuthi sidlale kabi, sibe nosuku olubi kodwa ngabe sidlulele phambili ukuba siwasebenzisile amathuba avelile.

“KOdwa uma ubadedela balishaye kuqala igoli emdlalweni wendebe usuke usuzibeke engcupheni yokuthi kwenzeke lento eyenzekile.

“Babe sebechitha isikhathi, benze izinguquko njalo, unozinti azithathe isikhathi sakhe ngaphambi kokususa ibhola ukuze bazame ukwehlisa isivinini somdlalo.

“Sekwenzeke konke, asizange nje sibonise izinga okufanele ngabe sikulo kulo mdlalo,” kuchaza uBaxter.

Njengoba ikhishiwe kiwNedbank Cup, sekucacile ukuthi iChiefs izophinde iqede enye isizini izishwibela izandla.

Kuzobe sekungeyesishiyagalombili kulandelana. Lokhu kungenxa yokuthi mancane kakhulu amathuba okuthi isangayijaha iyifice iMamelodi Sundowns embangweni wesicoco seDStv Premiership.

Emdlalweni wayo olandelayo iChiefs isekuhambeni kwiCape Town City ngoLesibili kusihlwa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.