UBaxter uvuma eyokushoda kwesithako sabalandeli kwiChiefs

UBaxter uvuma eyokushoda kwesithako sabalandeli kwiChiefs
OkaDonga Gumbi 

UStuart Baxter uthi ngamaqembu anabalandeli abaningi futhi abanothando olukhulu lweqembu labo adonsa kanzima njengoba bengavunyelwe nje ezinkundleni.

NeKaizer Chiefs yakhe ayifani kanti uBaxter uvumelane nomdlali wakhe uKeagan Dolly ngokushoda kwesithako esibalulekile emidlalweni yabo kusukela kwabheduka iCovid-19.

UDolly uthe lesi simo sisiza lamaqembu athathwa ngokuthi mancane ayasizakala ngokufika kungekho balandeli abazowafakela ingcindezi.

“Bafika eFNB Stadium kukhala ibhungezi bese bengezwa ngcindezi,” kusho uDolly ngaphambi komdlalo wabo neGolden Arrows ngoMgqibelo.

I-Arrows yenze sengathi ifuna ukukhombisa uDolly ukuthi uqinisile ngesikhathi idlala ngathi yiyo esekhaya yagcina iwine ngo 1-0 yize amagoli abengaba maningi kunalokho.

Ngemuva komdlalo uBaxter ubuziwe ukuthi ngabe naye uyakuvuma yini lokhu okushiwo uDolly. Uthe uyakuvuma kodwa akumele bese becasha ngakho.

“Uma ubheka emhlabeni nje jikelelengesikhathi sokuvalwa kwezwe nokudlalela ezinkundleni ezingenabalandeli…

“Ngicabanga ukuthi amaqembu athikamezeke kakhulu yilawo anabalandeli abaningi abawathanda kakhulu,”  kusho uBaxter.

FUNDA NALA: UNcikazi uthi kubasebenzela ukushoda kwezihlabani zeSaoura

“ILiverpool beyingayona le esiyaziyo ngesikhathi abalandlei bengekho. Kodwa noma kunjalo ngicabanga ukuthi kumele sidlale ngendlela ekhombisa ukuthi sisezingeni elikhokhelayo ngaso sonke izikhathi.

“Akumele sithi siba yiqembu elihle kuphela uma kunabalandeli bethu enkundleni. Kumele sidlale sazi ukuthi abalandeli bahlezi bekhona beseseka. 

“Kumele lokho kusifake umfutho. Uqinisile yena (uDolly) uma ubheka ukuthi izitha zidlala ngokukhululeka uma kungekho balandeli eFNB Stadium enotshani obuhle kanje. 

“Kodwa thina kumele sidlale kangcono kunalokhu esikwenze namuhla (ngoMgqibelo) ngisho ngabe abalandeli abekho.”

IChiefs izothola isikhathi esanele sokuzicija njengoba seyiyoze idlale ngo-Ephreli 2 seyibhekene neChippa United ekuhambeni.

Nokho ukushoda kwesithako sabalandeli kuzobe kusekhona njengoba ukuvalwa kwezwe kuqhutsheziwe kuze kube maphakathi no-Ephreli.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.