UBaxter uyamvikela u-Alexander ocishe waqhatha iChiefs nenduku

UBaxter uyamvikela u-Alexander ocishe waqhatha iChiefs nenduku
UCole Alexander
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

IKaizer Chiefs kumele ukuba iyakucabanga ukuthi ukube uCole Alexander akazange aphume ngekhadi elibomvu beyingagcina iwashayile AmaZulu FC.

Lamaqembu abegadulisana emdlalweni wamagqubu weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Kuthe sekusele imizuzu engaphezulu kancane kuka-15 futhi Amakhosi ehamba phambili ngo 1-0, u-ALexander wathola ikhadi elobomvu.

Kube yilapho ke Usuthu olube seluba mandla kakhulu lwagcia lilitholile igoli lokulinganisa kanti nelokuwina licishe lavela.

Kodwa umqeqeshi uStuart Baxter umvikelile lo mdlali, wathi umdlalo ubuvele ubahlula ngisho besaphelele.

“Siwuqale kahle umdlalo futhi besiwulawula emizuzwini engu-15 yokuqala,” kusho uBaxter.

“Kodwa sibadedele kanye nje bakwazi ukusidabula bayokwakha ithuba kwabe asengenile amanzi endlini.

“Ngemuba kwalokho silehlisile izinga. Bekungathi siphelelwe ukuzethemba nomdlandla.”

UBaxter akasisoli isinqumo sikanompempe sokunika u-Alexander amakhadi amabili aphuzi.

Kodwa uthi inkinga ibe sekutheni ubengasiqinisile ngokufanayo kuwo womabili amaqembu.

“Asidlalanga kahle futhi nekhadi livele ngenxa yakho lokho. Angibonanga nkinga ngamakhadi aphuzi. Abemfanele.

“Anginaniinga nokuwathola kwakhe inkinga ibe sekutheni isandla besiqine ohlangothini olulodwa.”

Uma ubheka amava akhe, u-Alexander bekungafanele athole lawa makhadi kwazise abadlali abadlalise kabi bebengeyona ingozi la bebekhona.

“Kunzima, akunjalo? UHappay (Mashiane) wathola ikhadi elibomvu sibhekene ne-Al Ahlay umdlalo wajika kakhulu.

“Amakhadi abomvu ayawujika umdlalo. Kodwa ngeke ubakhalime abadlali, uyazama ukubalawula kulokho.

FUNDA NALA: IPirates ijikele iStellies yayibolisa ngenduku

“Ngesikhathi ngifika la okokuqala, uWillard Katsande wayeyilento ongathi yisiwengu enkundleni.

“Kodwa samjika kulokho, samenza wakwazi ukuzilawula kangcono…

“UCole udlala ngokuzinikela nangomdlandla futhi siyakuthanda lokho ngaye.

“Umdlalo bewuvele usishlula sisenabadlali abangu-11 enkundleni.

“Kuzodingeka sisebenze ekuzameni ukuqinisekisa ukuthi ekuzinikeleni kwethu kunomugqa esingaweqi.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *