UBaxter uzamile ukuzicwecwa ngekhadi elibomvu elifake iChiefs enkingeni

UBaxter uzamile ukucwecwa ngekhadi elibomvu elifake iChiefs enkingeni
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ikhadi elibomvu lijike zonke izinhlelo zeKaizer Chiefs eshaywe yi-Al Ahly ngo 3-0 emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League ngoMgqibelo ebusuku. Lokhu yiqiniso elingephikwe, kodwa umqeqeshi uStuart Baxter uzamile ukusihlobisa lesi gameko esibalimaze kanzima ukuze singazweli kakhulu kuHapppy Mashiane okunguye esehle ngaye.

Bese kubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini ngesikhathi uMashiane evele edlalisa kabi u-Akram Tafwik kungenasidingo kwazise ubengeyona ingozi emapalini eChiefs ngaleso sikhathi. Uqale wexwayiswa ngekhadi eliphuzi, kodwa ngemuva kokubukisisa isehlakalo kwiVAR, unompempe wajika wamhlaba ngelibomvu.

“Ngicabanga ukuthi siwuqale kahle umdlalo, abafana bebedlala kahle bekwenza abakuyalelwe. Besibacindezela ;le phezulu obekungokokuqala sikwenza (kulo mqhudelwano). Besizama ukuphakela abadlali bethu abahlaselayo ibhola ngokushesha,” kusho uBaxter ngemuva komdlalo.

“Bebephunyuka bona emgogeni ebesibacuphele wona ngenxa yokuthi abafana bethu abasebancane abakwazanga ukungena egiyeni futhi bahaqwa yingcindezi. Bebeliphethe ibhola kodwa ngicabanga ukuthi senze umsebenzi omuhle wokubavimba, bese nathi sibe yingozi uma sibahlasela.

“Futhi ukube siye ekhefini sisaphelele, besizolungisa okuthile nje. Kodwa ke ngendlela okwenzeke ngayo, ikhadi elibomvu elitholwe nguHappy lenze sadideka ngokumele sikwenze. Ube sewucabanga, ‘wumdlalo wamanqamu lo, ngeke sisebenzise uhlaka lwe-4-4-1 bese sivala emuva kuphela’.

“Sibe sesinquma ukuthi sisebenzise uhlaka lwe-4-3-2 sabe sesifaka uKhama (Billiat) obekuwukugembula nje kwazise ubesenesikhathi agcina ukudlala. Kodwa noma kunjalo, amagoli asingenele abe lula kakhulu…

“Ukube besivale kahle emuva kwaqhubeka isikhathi bengalitholi igoli bese kukhuphuka ingcndezi, mhalwumbe besizothola i-free kick noma ikhona noma ithuba lokuzumisa. Kodwa sibapohe igoli sabe sesizama ukuthola indlela yokubuya emdlalweni ngokufaka abanye abantu,” kusho uBaxter.

FUNDA NALA: UMicho ukhonjwe indlela kwiZambia ngemuva kokubhacaza kwiCosafa Cup

“Sizamile ukunyathela amafutha, kodwa khona lapho kwadingeka sibambe ne-handbrake futhi… bekuyisikhathi esinzima kodwa basebenzile laba bafana ukuthi bafike kowamanqamu. Ngicabanga ukuthi uma ifu lokuphoxeka seliphenyile, bazokuthola ukunconywa okubafanele,” kusho o mqeqeshi.

Uthe kuvele kuyinto ejwayelekile ukuthi kube nesigameko esisodwa okuba yiso esinquma ukuthi umdlalo wamanqamu uya ngakuphi. Ikhadi likaMashiane yilo elibe yileso sigameko kulokhu.

“Umdlalo wamanqamu iba nesigameko esiwulawulayo. Kulona kube yikhadi elibomvu… lijike yonke into. Kumele ngikush ukuthi ngabe kube ngomunye umdlalo ngesiwombe sesibili ukube besinabadlali abaphelele.

“Besidinga ukugcina ibhola isikhathi eside, besiliphasa kabi uma siqeda ukulithola. Besisheshe sililahle, futhi besingalisi ibhola phambili ngendlela ebesifisa ngayo. Sizamile nokho ngesikhathi sekungene uKhama, besimnika amabhola.

“Kodwa sibe sesilinyazwa wukudedela amagoli alula, kuvele kube wumqansa onzima kakhulu ke uma sekunjalo,” kuchaza uBaxter obehlezi ebhentshini okokuqala kusukela abuya kwiChiefs.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.