Ubazi kahle ubunzima obubalinde eBotswana uZinnbauer wePirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer uyakwazi abazobhekana ngakho eBotswana

OKADONGA GUMBI

Akazikhohlisi ngobunzima abazobuthwala eBotswana umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zimnbauer njengoba beya kuleliya lizwe ukuyodlala umdlalo wokuhlunga weCAF Confederations Cup ngeSonto.

IBucs izogadulisana neJwaneg Galaxy eBotswana National Stadium ngo 3 ntambama, kanti iqembu elizowina uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili yalo mdlalo wokuhlunga lizodlulela esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

“Bayiqembu eliqinile,” kusho uZinnbauer. “Banabadlali abade futhi abanemizimba eqatha. Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo onzima kakhulu.

“Kuzodingeka sizikhandle ngokuphindiwe futhi siqaphele umdlalo uqala uze uyophela. Uma senze njalo sizoba sethubeni lokuwuwina,” kuqhuba le nsizwa yaseGermany.

Lo mqeqeshi osenyamanambana kwabanye babalandeli beBucs uyawudinga umphumela omuhle ozombuyisela isithunzi.

Yize eyiwinile imidlalo yakhe emithathu edlule – ushaye iKaizer Chiefs kwiligi, Uthongathi FC kwiNedbank Cup neCape Town City kwiligi – kodwa iqembu alidlalanga ngendlela ejabulisayo.

“Uma sifuna ukungena esigabeni esilandelayo sidinga ukwenza izinto zisivune. Ngakho kubalulekile ukuthi sibuye nomphumela omuhle uma kade siyodlala ngaphandle.

“Ngiyazi akulula, ikakhulukazi ngokuhambela kwamanye amazwe nezinkundla ezihlukile kulezi esizijwayele.

“Kodwa yisimo esabhekana naso e-Angola leso saphumelela. Sasingekho enkundleni yethu, sahamba nesikhathi eside siya khona.

“Yisimo esifanayo nalesi. Sakwazi ukubuya nomphumela ojabulisayo sisekuhambeni (kwiSagrada),” kuchaza uZinnbauer.

Ukuze yenze izinto zibe lula kuyo, iPirates kuzomele okungenani ibuye ilishayile igoli elilodwa eBotswana ngoba libalwa kabili uma sekuhlanganiswa imiphumela.

“Okubaluleke kakhulu ukubuya nomphumela omuhle emdlalweni wokuqala. Ukushaya igoli ekuhambeni kuzosibeka esimweni esihle.

“Noma singadlala ngokulingana… kodwa sizozama ukuwina ukuze sibe sesimweni esihle uma sesisekhaya singabi nengcindezi,” kuchaza yena.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.