Ube yiqhawe, waphinde wabhacaza unozinti ewinisa iPirates

Ube yiqhawe, waphinde wabhacaza unozinti ewinisa iPirates
OkaDonga Gumbi

Kube ngumdlalo azofisa ukusheshe awukhohlwe u-Ayanda Dlamini yize eke waba yiqhawe kuwo ngesikhathi iSekhukhune United ishaywa yi-Orlando Pirates ngoLwesithathu kusihlwa.

Lo mdlalo weDstv Premiership bewuse-Ellis Park Stadium kanti bekubukeka uzophela zibambene ngo 0-0 ngesikhathi uDlamini egila imihlolo.

Kodwa ake siqale ekuqaleni kwawo…¬†Umdlalo uqale kubonakala ukuthi zidlana imilala ngamacebo abaqeqeshi njengoba bekungapheli nemizuzwana engu-30 oFadlu Davids noMcDonald Makhubedu behleli phansi.

Bekumele belokhu bebakhomoze njalo abafana abasenkundleni, bebakhumbuza abakuthunyiwe baphinde babanike namacebo amasha.

Yingakho lingaba khona elikwazi ukuhlanganisa iminyakazo ecacile yokuhlasela yize iPirates beyingaphezulu kancane ngomdlalo.

Nasesiwombeni sesibili bekuseyisimo esifanayo futhi sekucaca ukuthi iqembu elizonqoba kulo mdlalo ngelizoba nenhlanhla.

Leyo nhlanhla ifikile kwiPirates ngesikhathi ibekelwa iphenathi ngomzuzu ka-63, kodwa uDeon Hotto uvele wadlala ngayo eshaya into ephuphile ayivimbe kalula u-Ayanda Dlamini.

FUNDA NALA: UMantengu uthi uzosiyeka isibhakela uma eshaywe uBonokoane

Kodwa kuthe esephenduke iqhawe uDlamini kwala, kwavela ukuthi ungunozinti njengoba ephe iPirates igoli.

Uthe ephethe ibhola wathi ushaya isitayela, lawela phansi wathi uyalikhahlela uyalisusa eduze kwakhe lawela kumdlali wePirates.

Ligcine liphelele phambi kukaFortune Makaringe obe esedonsa intambo ibhola laphelela enethini, kwaphela ngetswayi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.