Ubefuna ukuyobamba i-umbrella oweRoyal AM

Umgadli weRoyal AM, uSedwyn "Zlatan" George

OKADONGA GUMBI
Kumshiye nomuzwa wendumalo ukubanjwa ngo 0-0 yiJomo Cosmos umqeqeshi weRoyal AM, uFloyd Mogale ngoba kumncishe ithuba lokugxumela eqhulwini kwiGladAfrica Championship.
UMogale uthe isifiso sakhe bekuwukuthi bake baqhwakele noma ngabe bekungeke kube yisikhathineside kwazise amaqembu aphezulu abezodlala ngoLwesithathu bese uma ewina abuyele phezulu.
“Bekungumdlalo onzima, besixinene kanzima. Bekungawina noma wubani,” kusho uMogale ngemuva komdlalo obuseChatsworth Stadium ngoLwesibili ntambama.
“Ngiphoxekile ngabagadli bami, besingalishaya igoli bese siwola amaphuzu agcwele.
“Kodwa ke ukuthola iphuzu ubhekene neCosmos akuyona into encane… kumele uyihloniphe ngoba bayiqembu elihlanganiswe kahle,” kulanda uMogale.
Ukuvumile ukuthi njengoba sezibheke entanjeni kwiChampionship nje, sekunzima kakhulu ngoba wonke amaqembu asenento ayilwelayo.
“Kunzima, kodwa sizobhekana nomdlalo ngamunye. Besibheke ukuthola amaphuzu amathathu namuhla ngoba abezosibeka eqhulwini, sike sizwe kunjani laphaya nathi.
“Besifuna ukubamba i-umbrella isikhashana… kodwa nginethemba ukuthi laba abaphezulu bafudunezela thina isihlalo,” kuchaza uMogale.
Imidlalo yeChampionship iyaqhubeka nhoLwesithathu njengoba kuneyisikhombisa.
ISekhukhune United, okuyiyona eqhwakele njengamanje, inomdlalo othanda ukuqina neBizana Pondo Chiefs.
IRichards Bay, esalele kwamanye amaqembu ngomdlalo, nayo uzoba sekhaya ibhekene nePretoria Callies.
Imidlalo
FS Stars v CT All Stars; CT Spurs v JDR Stars; Polokwane City v Uthongathi; Richards Bay v Pretoria Callies; Sekhukhune v Chiefs; TS Sporting v Steenberg United
Email: Editor@impempe.com
Twitter @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *