Ubekelwe umgomo wokufaka iRoyal AM kwiDStv Premiership

USazi Ngubane

ALFRED NGUBANE

Uwuqale kahle umsebenzi wakhe umqeqeshi omusha weRoyal AM, uSazi Ngubane njengoba eshaye iPolokwane City ngo 2-1 emdlalweni weGladAfrica Championship eChatsworth Stadium ngoLwesibili ntambama.

UNgubane uqale ukulolonga leli qembu lezimpunyela ngemuva kokuxoshwa kukaFloyd Mogale ngempelasonto, kanti utshele impempe.com ukuthi udonswe ngendlebe ngokwenyusa leli qembu.

Uthe utshelwe into eyodwa – ukuthi leli qembu kumele libe selidlala kwiPremiership ngesizini ezayo, kumnyama kubomvu.

UNgubane unomlando omude ebholeni njengoba wayegijika kuMaZulu ngezikhathi zakhe. Useke waqeqesha nasezinkulisa zoSuthu.

Kuthe ngesizini ka-2018/2019 waqeqesha iRoyal Eagles njengebamba, nalapho yafike yahluleka kumaPlay Offs.

“Kumele senze isiqiniseko sokuthi siyacoboshisa okuphambi kwethu uma sisekhaya bese sikulwela nokubuya namaphuzu uma sisekuhambeni,” kusho uNgubane.

Ubekhuluma ngaphambi komdlalo wezakhe nePolokwane eziwunqobile, zagxuma zeqa iSekhukhune United, zahlala endaweni yesithathu.

Isikhulu esiphezulu kwiRoyal, uSinky “Twalaza” Mnisi yena uthe banethemba elikhulu lokuthi bazosifeza isifiso sabo sokudlala kwiPremiership ngesizini ezayo.

“Sinabadlali abenele futhi abasezingeni eliphezulu abangawenza lonmsebenzi wokusifaka kwiPremiership,” kusho uMnisi.

Khonamanjalo, ithole induku isekhaya iRochards Bay yalahla ithuba lokunweba igebe phezulu kwilogi yalesi sigaba, ishaywa yiFree State Stars ngo 2-1 eMhlathuze Sports Stadium ngoLwesibili.

Imiphumela yangoLwesibili: Pretoria Callies 0-2 Cape United; Royal AM 2-1 Polokwane City; University of Pretoria 0-0 JDR Stars; Richards Bay 1-2 Free State Stars

Imidlalo yangoLwesithathu: CT All Stars v Uthongathi; Jomo Cosmos v CT; Steenberg v Bizana Pondo Chiefs; TS Sporting be Sekhukhune United

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.