UBen 10 wenze uMzansi waziqhenya ngaye kumaCommonwealth

UPhiwokuhle "Ben 10" Mnguni
Sihle Ndlovu

UPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni ongumshayisibhakela osemncane onekhono, wenze iNingizimu Afrika yaziqhenya ngesikhathi ebuya nendondo yethusi kumaCommonwealth Game ka-2022, eBirmingham, e-England.

Lo mshayi wamankomane odabuka eDundee ngaphansi kweSibongile Boxing Family, ungqimuze abashayisibhakela abanamava endleleni yakhe yokuthatha ithusi kule midlalo. Ubelwa esisindweni esingu-57kg.

“Esisindweni sami siqale singu-12. Ngibe sengilinda umuntu ebengizodlala naye phakathi kweSri Lanka nePakistan ngoba angiwudlalanga umlenze wokuqala wemidlalo,” kusho uMnguni.

“Ngidlale neSri Lanka impi yamiswa emzuliswaneni wesithathu, unompempe wayiqeda impi. Ngibe sengidlulela kwimbangi yami yesibili yaseNorthen Ireland enemava, eseyithole izindondo zesiliva kabili. Iphuma nakuma-Olympic kanti ikleliswe yaba ngeyesihlanu emhlabeni.”

UMnguni uthe kukhulu akufundile kule midlalo futhi uyafuna ukuthi alikhuphule izinga lakhe ekushayeni amankomane.

“Indlela engifuna ukwenza kangcono ngayo kumele iqale ejimini. Inkinga ekhona manje ukuthi ijimu yethu ayinazo izinto ezanele zokujima,” kusho uMnguni.

“Besingaluthokozela uxhaso. Uma ningasixhasa nje ejimini yethu ngezinto ezikahle zokujima ukuze siziqeqeshe ngendlela efanele. Singakuthokozela kakhulu lokho.”

Ube esebonga bonke abenze uhambo kwakhe lwamaCommonwealth lwaba yimpumelelo.

“Ngithanda ukwesekwa engikuthole kubo bonke abantu. UMzinyathi neNdumeni (omasipala) kanjalo nomnyango weZemidlalo noBuciko KwaZulu-Natal. Bangixhase kakhulu,” kuphetha uMnguni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.