UBenni akajabulile neze ngamathuba abawayekile bebhekene neMaritzburg

Sihle Ndlovu

Uzwakalise ukungenami neze umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy, ngokuthi bayeke ukushaya iMaritzburg United yize bebewuphethe umdlalo weDStv Premiership ngeSonto.

Usuthu neTeam of Choice babambane ngo 0-0 eJonsson Kings Park kodwa iqiniso ukuthi ezikaBenni bezingashaya inqwaba yamagoli kulo mdlalo. Nokho uJethren Barr ezintini zeMaritzburg ubengafuni lutho.

UBenni uthe uphoxeke kakhulu ngalo mphumela ngoba bayawadinga kakhulu amaphuzu.

“Besiwuhlelele kahle umdlalo. Indlela esidlale ngayo nebesihleleke ngayo, nangendlela esingabanikanga ngayo ithuba lokunyaza nokufika emapalini ethu, ibiyinhle kakhulu. UJudas Moseamedi noThabiso Kutumela bebengekho nhlobo emdlalweni ngenxa yendlela ebesihleleke ngayo,” kusho uMcCarthy.

“Kodwake sivele sabapha iphuzu sagcina singenalutho. Wonke umuntu uhlale ethi iphuzu lingcono. Iphuzu lingcono impela kodwa kumele uphoxeke ukuthi uyeke ithuba elikhulu kangaka. Ngeke ngidlule kalula kulokhu kodwa kumele kwenzeke lokho ngoba ezinsukwini ezimbalwa kumele sidlale, futhi sibhekene neSuperSport.

“Amathuba alokhu eba lukhuni ngoba wonke amaqembu afuna amaphuzu amathathu. Sizenzele kwalukhuni…angijabule neze. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo kodwa angijabule ngokuthi sidedele ithuba lokuthatha amaphuzu amathathu, sathola elilodwa.”

Ebuzwa uMcCarthy ukuthi yini azoyilungisa ngaphambi kokuthi ezakhe zibhekane neSuperSport United, uthe: “Kusukela emdlalweni weChiefs siyahlasela, sakha amathuba, yikho ngingakhathazekile kakhulu ngoba siyawakha amathuba. Kodwa ukuqedela kwethu phambi kwamapali kusenzela phansi. Ezunsukwini ezidlule besizama uma sizilolonga ukuthi sidlale ibhola bese siyaqedela…abadlali kumele bazethembe uma besenkundleni bakholwe ukuthi bangawashaya amagoli.”

Asikho isikhathi esitheni sokulungisa amaphutha kuMcCarthy naMaZulu njengoba ngoLwesithathu bezobhekana neSuperSport, eLucas Moripe Stadium, ngo-5 ntambama. ISuperSport idlala kahle kulezi zinsuku nokufakazelwa ukuthi isendaweni yesithathu kwi-log yePremiership.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *