UBenni angasizwa uNcikazi uma eqashwa kwiPirates?

Sihle Ndlovu

Ukumataniswa kukaBenni McCarthy nomsebenzi wokuqeqesha i-Orlando Pirates ngesizini ezayo, kushiya imibuzo ngokuzokwenzeka ethimbeni labaqeqeshi kuleli qembu.

IBucs seyivele icacisile ukuthi izolanda umqeqeshi omusha kulandela ukukhomba indlela uFadlu Davids obesizana noMandla Ncikazi. Laba bobabili yibona ababambe izintambo ngemuva kokuhamba kukaJosef Zinnbauer ngesizini edlule.

Kuphele isizini abalandeli beZimnyama sebeshaya amakhala ngoDavids noNcikazi ngenxa yokwehluleka ukuthola imiphumela emihle. Kuphinde konakala kakhulu ngesikhathi beshaywa kowamanqamu weCAF Confederation Cup sekuthenjiwe. Nokho kuxoshwe uDavids yedwa wasala uNcikazi.

Njengamanje abalandeli bePirates balindele ukuzwa ukuthi yimuphi umqeqeshi ozothatha izintambo kuleli qembu. Nokho sekuhlale obala ukuthi iningi labo lilindele ukuthi kube uMcCarthy onikwa lo msebenzi.

Umbuzo omkhulu owokuthi uMcCarthy ngabe uzofika abe ngumqeqeshi bese elekelelwa uNcikazi yini? Uma kunjalo ngabe uNcikazi uzokuvuma lokho? Ngabe uBenni ngeke afune ukuzilandela amaphini akhe uma eqashwa kwiBucs?

Okuyinto engangabazeki ukuthi uBenni ngeke avume ukuba yiphini likaNcikazi noma babe ngabaqeqeshi abalinganayo njengoba kwenzeka kuRulani Mokwena noManqoba Mngqithi, kwiMamelodi Sundowns.

Lo mqeqeshi ogcine ukusebenza kuMaZulu uyaziwa ukuthi unokuzethemba okukhulu futhi uzishaya isifuba ngamagalelo akhe ebholeni, ikakhulukazi esadlala phesheya. Awekho amathuba okuthi angavuma ukuba yiphini nomake alingane noNcikazi.

Inkakha yePirates, uTeboho Moloi, ivele isiphumele obala ngokuthi uBenni uyena okumele abe ngumqeqeshi weBucs.

“UBenni McCarthy useke walidlalela iqembu,” kusho uMoloi kwiTimesLive.

“Uyakuqonda ukuthi kusho ukuthini ukugqoka ijezi elinemibala emnyama nomhlophe lePirates futhi usenze kahle njengomqeqeshi. Kimina uBenni iyona indoda ekahle.

“Ngingakusho ngokungananazi ukuthi uyena umuntu okahle ongabuyisela iqembu ekuwineni.”

KuSuthu uBenni ubesebenzisana noMoeneeb Josephs okungezeka amlande uma eqashwa kwiBucs. Elinye iqembu elivelayo uma kukhulunywa ngoBenni yiSuperSport United nayo esathungatha umqeqeshi omusha ngemuva kokuchitha uKaitano Tembo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.