UBenni bekuthi akazigingqe phansi ecasulwa yizinqumo zonompempe

UBenni bekuthi akazigingqe phansi ecasulwa yizinqumo zonompempe
UBenni McCarthy
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy, usole onompempe nabadlali beSuperSport United, ngokungalandeli imiyalelo yeFIFA yokuba nobuntu ebholeni.

UBenni usole abadlali beSuperSport ngokuzenzisa sengathi bashayiswe yisitimela uma beke bathinteka ukuze bathenge unompempe.

Uthe yikho lokhu okubambezela abadlali bakuleli ngoba abafuni ukuzinikela ekudlaleni kodwa bafuna ukuwina ngezindlela ezingalungile.

Lokhu bekulandela ukuthi Usuthu luqede umdlalo walo neSuperSport lunga sphelele, sekukhishwe uTercius Malepe ngekhadi elibomvu.

“Bekuwumdallo lapho unyawo beluqiniswa khona. Ngicabanga ukuthi lugcine seluqina ngokweqile,” kusho uBenni ngemuva komdlalo.

“Umdlalo umehlulile unompempe. Izinqumo zonompempe kodwa bezivuna uhlangothi olulodwa”

Umdlalo bewudlaliswa nguThando Ndzandzeka, ongomunye wonompempe abahlonishwayo kuleli.

“Kugcine sekuphakama imimoya, kwaqina nonyawo. Ngicabanga ukuthi ngibone uTercius emaka kahle engalimazi muntu.

“Udle ibhola kahle nje akangamthinta umdlali wabo. Kodwa ke banjalo abadlali bakuleli kulezi zinsuku.

“Bese sizibuza ukuthi kungani abadlali bethu bengazuzi lutho, kungani bengekho ezingeni elifanele.

“Kungoba bahlale befuna ukwenzelelwa. Ufuna ukuba kukhishwe umdlali weqembu enibhekene nalo ngokuthi uvele uziwise, bese uzigingqa phansi sengathi wephukile ube ungathintwanga.

“Unompempe uthengekile kodwa lo osuke engaphandle ukubonile okwenzekile kodwa wazithulela nje.

FUNDA NALA: Luphinde lwashelela Usuthu ubanjwa yiSuperSPort

“Okuxakayo ukuthi bekuthi uma kuyithi esenza iphutha atshele unompempe ukuthi kwenzeke kanjani ukuze alungise isinqumo sakhe.

“Akashongo lutho uma sekumele isinqumo sivune thina, sadlala singasaphelele njengoba bese sinabadlali abayishumi enkundleni.”

Noma kunjalo, uBenni uchazekile ngendlela abadlali bakhe abalwe ngayo kule mizuzu engu-20 abayidlale bengasaphelele.

“Kuthe sesinabadlali abayishumi salwa, sakhombisa ukuzinikela nokungafuni ukuhlulwa. Asibavumelanga ukuthi basebenzise ithuba lokuthi sesiyashoda ukuthi basigqilaze.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *