UBenni ucikwa abadlali bakuleli ngokuzenza izitaringi abangazona

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukhwele wadilika kubabadlali bePremier Soccer League (PSL) ngokufuna ukwenza izinto ezingaphezu kwezinga labo umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy.

Lo mqeqeshi, ongenqeni ukuzikhulumela, usho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu luputshuke kukubi lushaya iTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngoLwesibili.

“Abadlali bePSL, hhayi baMaZulu nje kuphela, bafuna ukwenza izinto ezilukhuni enkundleni, esikhundleni sokuphaselana ibhola ngendlela elula,” kusho uMcCarthy.

Ubekhuluma nabeSuperSport ngemuva komdlalo lapho eveze khona ukuthi ibimphambanisa ikhanda indlela abadlali bakhe abebenza ngayo ngesiwombe sokuqala somdlalo.

“Ngicabanga ukuthi nabadlali abafana noLionel Messi abakwenzi lokho kodwa thina ezingeni lethu sifuna ukwenza izinto ezingaphezulu kwethu.”

Mhlawumbe esinye sezizathu ezenze uBenni wakhuluma kanje, yindlela ageje ngayo esebhekene nonozinti umgadli uSiphelele Mthembu.

Uvele wabhulukela ibhola langaya ngisho emapalini, wabamba ikhanda uBenni ebhentshini loSuthu.

UBenni uvumile ukuthi abadlalanga ibhola elihle kulo mdlalo wase encoma indlela ebanike ubunzima ngayo iRockets eMbombela Stadium.

“Ngicabanga ukuthi sibe nenhlanhla kakhulu namuhla. Besidlala neqembu (iGalaxy) ebelilihle futhi lihleleke kahle kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi kulula kakhulu ukubona ukuthi iqembu libheke kuphi,” kusho uMcCarthy.

IGalaxy akuyihambeli kahle njengoba iyibambe emsileni kwilogi yePremiership.

Leli qembu likaTim Sukazi lisanda kuxosha obengumqeqeshi u-Owen da Gama laqasha uSead Ramovic.

Nokho namanje lisahlulekile ukuthola iwini yalo yokuqala.

“Bekumnandi nokho ukudlala nabo ngoba womabili amaqembu abengahleli emuva kodwa abedlala ibhola.

“Lokhu kwenze umdlalo wavuleleka futhi bekumnandi kakhulu ukuwudlala.

FUNDA NALA: Ukhalise okwembuzi ngoKhisimuzi oweBafana edliswa umuthi wakhe

“Nokho iqembu lami belilandela ngemuva ngayo yonke into kulo mdlalo.

“Namuhla abengasifanele nakancane amaphuzu amathathu kodwa ngeke ungajabuli uma izinto zigcina zivune wena.

“Kodwa bekuzoba umphumela okahle ukube kugcine kungu 1-1. Bengizojabula ngoba ngiyazi iqembu lami belingadlali ibhola elilijwayele.

“Badlale kahle kunathi futhi bebeyiqembu elingcono enkundleni.

“Bayiqembu elihle futhi uma beqhubeka kanje bazonyuka nakanjani kwilogi,” kuphetha uMcCarthy.

Igoli eliwinise Usuthu kulo mdlalo lishaywe uLuvuyo Memela, amncome kakhulu uBenni ngendlela ahlale ezimisele ngayo ejimini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.