UBenni udalula okwenza Usuthu ludlale ngokulingana kaningi

UBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

UBenni McCarthy, oqeqesha AmaZulu FC, uthi usazi kahle isizathu esenza ukuthi badlale ngokulingana emidlalweni yeDStv Premiership ka-2021/2022.

Lo mqeqeshi usho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu luphinde lwadlala ngokulingana lubambana neTS koweligi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.

UMcCarthy uthe ubazi kahle ukuthi bekumele athole abagadli abangalibheki ipali ngesikhathi kuqala isizini.

“Lena yindawo ebengifuna ukuyiqinisa ngesikhathi kuqala isizini. Bese ngibabonile abadlali ebengibafuna,” kusho uMcCarthy.

“Bengazi ukuthi ngesizini edlule senze kahle njengeqembu kodwa uma sifuna ukuzuza lokhu esikufunayo sidinga abadlali abalambile. Yingakhoke bengifuna ukuqinisa le ndawo kodwa akuzange kwenzeke.”

Kule sizini AmaZulu asedlale ngokulingana kawu-13 emidlalweni engu-21 nokwenza kube yilona iqembu eselidlale ngokulingana kunawo wonke kwiPremiership.

“Yisona sizathu esenza ukuthi ugcine uzothole udlala ngokulingana kawu-13 ngoba usuke unalokhu onakho ubambelele kukhona,” kusho lo mqeqeshi.

“Yebo banginika noma yini. Bayanginika engikudingayo kodwa ezikhathini ezibalulekile abadlali abaphezulu ibhola balibeka enethini kalula.

“Ngebhadi lethu siphinde sadlala ngokulingana, futhi yingakho sesidlale ngokulingana imidlalo engu-13.”

Ukukhuluma kanje kukaBenni kukubeka obala ukuthi kukhona abadlali abebafuna kodwa kwangaya ngokwesifiso sakhe.

Ngesizini edlule iSwallows FC iqophe umlando idlala ngokulingana imidlalo engu-20 kwengu-30. Kulokhu kubukeka kuwuSuthu oluzoqeda isizini ludlale ngokulingana kaningi kunamanye amaqembu.

UBenni uzokwethemba ukuthi bazowashaya amagoli uma sebedlala umdlalo weCAF Champions League ne-ES Setif, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.