UBenni ukhala ngonompempe athi ubevuna iSetif

UBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

Ukhala ngezinqumo zikanompempe umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy, iqembu lakhe eliguqiswe yi-ES Setif ngo 2-0 koweCAF Champions League ngoMgqibelo e-Algeria.

Usuthu beluye kulo mdlalo lushayela phezulu kulandela ukuguqisa leli qembu ngo 1-0 ekhaya. Nokho izinto zifike zangahlangana e-Algeria.

“Bekuwumdlalo onzima kakhulu kithina. ISetif iqale kahle kakhulu isicindezela kusukela ngomzuzu wokuqala,” kusho uMcCarthy.

“Bebefuna ukuthola igoli kuqala ukuze bakhululeke. Nathi sibavumele ukuthi benze lokho futhi ngicabanga ukuthi besinokwesaba ngesikhathi kuqala umdlalo.”

Yize kunjalo kodwa uMcCarthy ukholwa wukuthi babuye bangena emdlalweni, kwadla kona ukuthi unompempe ubebuye aqinise isandla kakhulu kubona.

“Unompempe ubengawuphatha ngendlela engcono umdlalo. Ubenzelela ngokubona kwami, evuma ukuthi baqhubeke badlale noma kumele abajezise,” kusho lo mqeqeshi.

“Uma sekuza ngakuthina ubengananazi ekusinikeni amakhadi aphuzi. Uma usuthole ikhadi eliphuzi udlala sewunokwesaba.

“Nokho igoli abalishayile lokuqala libe lihle kakhulu. Ngemuva kwalokho sizamile ukudlala kangcono. Kodwa siphinde senza iphutha sibadedela ukuthi bashaye igoli lesibili ngaphaphi kokuthi kuyiwe ekhafini.”

UMcCarthy uphinde wakhala ngokuthi bebegeja sengathi bayabukisa ngesiwombe sesibili somdlalo.

“Besingashaya igoli noma amabili  kodwa ukuqedela kuyinkinga enkulu kithina kule sizini. Lokhu kwenzeka nakwiligi yethu yasekhaya.

“Amathuba angaqedelwa umfana oneminyaka engu-15 siyawageja. Uma wenza lokho uzenzela ukuthi izinto zibe lukhuni kakhulu.”

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.