UBenni ukhala ngoSuthu oluwabambe lwawayeka amaphuzu eKapa

UBenni ukhala ngoSuthu oluwabambe lwawayeka amaphuzu eKapa
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukhala ngokulahla amaphuzu benethuba lonke lokuwaqoqa umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy.

Usuthu lubambane neStellenbosch FC ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.

Okukhalisa kakhulu uMcCarthy ukuthi bebewuphethe umdlalo futhi benamathuba okushaya igoli kuqala kodwa
bangakwenza lokho.

“Ngemuva kwakho konke okwenzekile ngicabanga ukuthi abadlali bazolijabulela iphuzu abalitholile bebuya sekuvalwe amehlo.

“Kodwa ngiphoxekile mina ngoba indlela ebesiwuphethe ngayo umdlalo kusukela emzuzwini wokuqala kuya
ekhefini, besingahamba phambili ngo 3-0,” kusho uMcCarthy.

“Uma ungawasebenzisi amathuba owatholayo ubhekene neqembu eligijimayo, bazothola ithuba bese ungadlali umdlalo omuhle njengoba senzile ngesiwombe sokuqala.

“Ngesiwombe sesibili sehlile savuleka emuva. Asizange sivale emuva ngendlela ebekumele sivale ngayo nokwenze ukuthi bashaye amagoli amabili.

“Manje usuke usudlala umdlalo osusukile ezandleni zakho uzama ukubuya. Sithe abadlali abazame nokukhahlela bekude.”

Usuthu luke lwalandela ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa kwalamula uSiphesihle Maduna noKeagan Buchanan abashaye amagoli, babuya nephuzu eKapa.

FUNDA NALA: Ukahla angejoka abazithwese lona oweSundowns

“Sithole igoli kuMaduna nekhona egcine iqedelwe uKeagan. Kumele nakanjani ukujabulele ukuthola iphuzu isikhathi sesingasekho kunokuthi ubuye ulambatha emdlalweni obuwuphethe kodwa wawudedela wena.

“Umdlalo besingawuwina kodwa sawudedela thina. Manje kumele sizikhothe amanxeba ngoba amaphuzu amathathu avele anyamalala phambi kwethu.

“Abadlali abazamile ukulwa ngakho kumele sibheke umdlalo ozayo nawo ozoba nzima kakhulu,” kuphetha uMcCarthy.

AmaZulu azobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni olandelayo weligi eFNB Stadium ngoLwesithathu ngo-5.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.