UBenni ulijabulele ikhefu elivuselele abadlali boSuthu

UBenni ulijabulele ikhefu elivuselele abadlali boSuthu
UBenni McCarthy noVasili Manousakis
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC awayiqalanga kahle isizini yawo kwiDStv Premiership njengoba esawine kathathu emidlalweni eyishumi.

Lukhulu obelulindelwe kuleli qembu kulandela izimanga abezigila ngesizini edlule la egcine ephelele khona endaweni yesibili kwilogi.

Nokho kule sizini Usuthu lubonakala lubanjwe amajaqamba njengoba lungakwazi ukubuyela kule fomu elenze lasatshwa.

Kodwa umqeqeshi uBenni McCarthy ubona libasizile ikhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe okuphunywa kulo.

Uthi kusukela bebuyile kulo abadlali bakhe bayabonakala ukuthi bagcwele umfutho nokuzethemba.

“Ngicabanga ukuthi leli khefu libe lihle kubadlali. Sibe nemidlalo enzima – kweminye senze kahle, kweminye asenzanga kahle.

“Ngemuva kokuwina kwiCape Town City ikhefu livele ngesikhathi esikahle impela abafana belidinga.

“Bebedinga ukuphuma ebholeni bake bayochitha isikhathi nemindeni yabo,” kusho uBenni ngoLwesithathu.

“Bebedinga ukuthola isikhathi nje bengakhathazekile ngebhola. Sibuyile manje futhi sinezinsuku ezintathu sibuyile.

“Kuhamba kahle kakhulu (ejimini), abadlali babukeka bebukhali futhi bevuselelekile.”

Usuthu lubuyela enkundleni ngomdlalo ongelula neStellenbosch FC esefomini enhle kulezi zinsuku.

FUNDA NALA: Buka nayi ividiyo eveza iqiniso ngephenathi yeGhana

IStellies isendaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns ebukeka ifuna ukusidla kalula isicoco seligi.

“Sesibheke ukuyidudula okokugcina njengoba sesibheke ekhefini likaKhisimuzi.

“Sinemidlalo eminingi okumele siyidlale kusuka manje kuze kube yileso sikhathi, eminingi yayo inzima impela.

“KOdwa siyibheke ngabomvu futhi sikholwa wukuthi sizokwazi ukufeza izinhloso zethu.

“Sifuna ukubuyela ebholeni lethu ebesilidlala ukuze sibuyele endaweni esicabanga ukuthi kufanele ukuba kuyo,” kusho uBenni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.