Alfred Ngubane
Umqeqeshi waMazulu FC uBenni McCarthy usenxuse abalandeli bebhola eNingizimu Afrika ukuthi baseke amaqembu adlala kwiCaf Champions League ngoba kuyintaba engaqwalwa mbongolo ukudlala kulo mqhudelwano.
INingizimu Afrika imelwe amaqembu amabili kwiChampions League okuwuSuthu neMamelodi Sundowns bese i-Orlando Pirates yona ibe kwiConfederation Cup.
Womathathu la maqembu azodlala imidlalo enzima kule mpelasonto. Amehlo amaningi ezwenikazi athe njo emdlalweni weSundowns kumdlalo weSundowns FC ne-Al Ahly.
AmaZulu FC wona azobe ebheke ukuqhubeka nonyawo oluhle uma esekhaya njengoba ezogadulisana ne-ES Setif yase-Algeria emdlalweni wawo wesithathu esigabeni samaqoqo.
Usuthu luyivule ngenduku ekuhambeni le midlalo lushaywa yiRaja Casablanca ngo 1-0 le eMorocco yize lahlulwa lulwile.
FUNDA NALA: IHollywoodbets ifuna izicoco zeTwo Oceans neComrades
Ekhaya luzibuyisile izinduku lushaya iHOroya yaseGuinea ngo 1-0 ngempelasonto edlule kanti selubheke ukubamba lowo mgqigqo nakwiSetif ngoLwesihlanu kusihlwa.
Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi iqembu lasekhaya likusebenzise ukuthi lezi zimbangi zalo zibhekene nezinkinga zezezimali.
Kuthiwa kwakuthi lize lifike lapha eNingizimu Afrika lisizwe yiCR Belouzdad ukukhokhela izindleko zokuthi lihambe ligcine lifikile kuleli. Lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium ngo-6 ebusuku.