UBenni uphinde wacasha ngesithupha ngolukaSithebe oSuthwini

UBenni uphinde wacasha ngesithupha ngolukaSithebe oSuthwini
UBenni McCarthy noSIyethemba Sithebe
Alfred Ngubane 

UBenni MacCarthy ongumqeqeshi waMaZulu FC usephumele obala ngomdlali osuse umsindo omkhulu kuleli qembu laseThekwini uSinethemba Sithebe.

Lo mdlali usayine isivumelwano neKaizer Chiefs sokuthi uzojoyina yona uma sekuphele inkontileka yakhe kuMaZulu ngoJuni.

Lokhu akuzange kwehle kahle kumengameli woSuthu uSandile Zungu owalimisa ngembaba elokuthi lo mdlali ngeke aphinde aligqoke ijezi loSuthu.

UBenni utshele abezindaba ngoLwesine ukuthi basabhunga njengethimba labaqeqeshi ukuthi ngabe bazomdlalisa yini noma cha uSithebe ngoLwesihlanu.

Usuthu luzogadulisana neHoroya AC emdlalweni wesibili esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League eMoses Mabhida Stadium.

FUNDA NALA: UMhango uveza ukuzisola kwakhe ngamaphutha awenzile

Ukukhuluma kanjena kukaBenni kuyacacisa ukuthi ubesenqena nje ukukubeka kucace naye ukuthi akavunyelwe ukusebenzisa lo mdlali.

UBenni uphinde waveza ukuthi yize esihlonipha isipiliyoni sikazakwabo opheka iHoroya uLamine Ndiaye njengoba esenqobe iChampions League neCaf Super Cup waphinde wafika kowamanqamu kwiFifa World Club kodwa lokho akumsabisi.

“Ukuthi unezicucu ezinjani zokuqeqesha nokuthi sewuke wawina ini akusho lutho ngoba akudlali lokho,” kusho yena.

“Into ebalulekile ukuthi sihlohle amagoli bese sinqoba umdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi ovamise ukungafihli lutho uma ekhuluma kwabezindaba.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.