UBenni usenethemba lokuthi Usuthu luyangena egiyeni manje

UBenni usenethemba lokuthi Usuthu luyangena egiyeni manje
UMatarr Ceesay
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UBenni McCarthy oqeqesha AmaZulu FC, ubona bededele inhlanzi sebeyibambile ngesikhathi bebambana ngo 2-2 neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo womkhaya weDStv Premiership bekushubile, kukhala isicathulo, kuphinde kudliwe ibhola endodeni eSugar Ray Xulu Stadium eClermont.

Usuthu belufuna iwini yalo yokuqala kule sizini kodwa kwagcina kungavumanga njengoab i-Arrows igoloze ukufa ukushayelwa esibayeni sayo.

“Bekungumdlalo omuhle kakhulu kodwa ngibona ukuthi siyeke ithuba. Sidlale kahle futhi umdlalo siwuqale kahle kakhulu.

“Sakhe amathuba amahle kakhulu, futhi besibukeka njengeqembu elingashaya igoli noma nini,” kusho uMcCarthy.

“Ngebhadi lethu unozinti wabo ubenalolo suku lapho konke abekukhahlelwa bekumthola esendaweni ekahle.

“Ubelithinta ngeminwe noma ngonyawo okuyinto esivimbe ukuthi siqhubeke nebesikwenza emdlalweni.”

AmaZulu abedlala kahle kakhulu kodwa bekubuye konakale emuva ngenxa yamaphutha ambalwa. Nokho uMcCarthy ubona benza kahle yize bengawinanga.

“Ngiyakuthanda engikubonile eqenjini. Ngesinye isikhathi besimpintshekile kodwa asililahlanga ithemba, siqhubekile nokulwa.

“Ngicabanga ukuthi bekumele sithole elinye igoli ngasekupheleni komdlalo. Ukube uMaduna (Siphesihle) uke wawa ngoba ubekhahlelwa kakhulu besingathola enye iphenathi.

“Lokho bekuzokwenza sibe namaphenathi amabili sobabili. Kodwa kumele umhloniphe umdlali ngokungafuni ukuwa kalula,” kusho uMcCarthy.

FUNDA NALA: UMosele usefuna ukuba yinjini kwiPirates

I-Arrows ithole amaphenathi amabili kulo mdlalo. Eyokuqala uyibeke phakathi uKnox Mutizwa, kwathi eyesibili yashaya ipali yabuyela enkundleni.

“Ngeke sikhononde kakhulu ngokuthola iphuzu elilodwa ngoba libalulekile uma udlala neqembu eliyiqale kahle isizini.

“Ukuthola iphuzu elilodwa kungcono kakhulu kunokuthola induku. Sishaye amagoli amabili okuyinto engijabulisayo.

“Kuyacaca ukuthi sibheke phambili futhi sihamba kahle kakhulu. Ngethemba ukuthi ngokuqhubeka kwesizini
sizobe sisefomini enhle kakhulu.”

Emdlalweni olandelayo AmaZulu azobhekana neBaroka FC ngoMgqibelo. UBenni uthemba ukuthola amaphuzu amathathu kulowo mdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.