UBenni uthi wayesemhalela ngequpha uTembo owambiza phansi kweziketi

UBenni uthi wayezowukhomba onotshwala uTembo, yena uthi ayidlule
UKaitano Tembo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weSuperSport United uxolisile, wathi ayidlule manje impi yamazwi eyaba phakathi kwkahe noBenni McCarthy waMaZulu FC.

Laba baqeqeshi kwashoda ozogadla ngesikhathi kubhekene amaqembu abo njengoba base bechaphana ngezinhlamba.

Ekhuluma ngalesi sigameko ngasekuqaleni kwesonto, uMcCarthy uthe wayeselunywa yizandla esefuna ukufihla izinzipho azifikele qathatha kuTembo.

Lokhu kwakulandela ukuthi uTembo embize ngaphansi kweziketi zikanina. UTembo wayecikwe ukuthi uMcCarthy wayelokhu ekhalaza konompempe.

“Ngathi kuye uma ecabanga ukuthi unelungelo lokungibiza ngalento angibiza ngayo ngokuzayo ngeke ngimxolele,” usho kanje uMcCarthy kwiMetro FM.

“Sisemdlalweni obukwa nayizingane ngakho kumele senze isibonelo esihle, kodwa lokhuya kwakungesona isibolnelo esihle.

“Ukuba sasikwenye indawo singekho enkundleni yebhola la kunamakhamera khona, kwakuyoba nomphumela ohluke kakhulu.

“Wayezowukhomba umuzi onotshwala ngoba izandla zami zaseziluma,” kuchaza uBenni ngokwenzeka ngalolo suku.

UMcCarthy uthe yena ungumuntiu ongazwani nochuku kodwa uyazilwela uma umuntu emfaka umunwe esweni.

“Abantu kumele baqonde ukuthi ngingimuntu onomoya ophansi. Uma uBenni MCarthy esenyakaza kusuke sekuyinkinga enkulu.

“Uma seweqa umugqa, ukhuluma kabi ngabadlali bami usuke usungifaka umunwe esweni ufuna ukubona ngizokwenza njani. Ngizoyamukela ke leyo nselelo ngikukhombise ngingubani.”

FUNDA NALA: ISwallows neCity bebesabana, badlala ngokulingana

UTembo yena ekhuluma nabeRadio 2000 uthe kumele bahole ngokuba yisibonelo emaqenjini abo.

“SIngabaqeqeshi kusifanele ukuba yisibonelo esihle. Ngicabanga ukuthi ngasohlangothini lwami ngifuna ukuxolisa ngalokhu okwenzeka.

“Lolu olunye uhlangothi yilo obelukhuluma kakhulu kunami, kodwa noma kunjalo uma sifuan ukuba yisibonelo esihle kumele siziphathe kangcono.

“Ngakho ngokwami neqembu, ngifisa ukuxolisa ngalokhu okwenzeka. AKufanele thina singabaqeqeshi sizithole sisesimweni la sesisebenzisa khona amazwi anjena.

“Kodwa manje sekumele lokhu sikudlulise sbese siqinisekise ukuthi akuphinde kwenzeke. Siqinisekise ukuthi senza kangcono ukuhlonipha ibhola laseNingizimu Afrika,” kusho uTembo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.