UBenni uveza amahlazo okushoda kwezimali okubhajiswe AmaZulu

UBenni uveza amahlazo okushoda kwezimali okubhajiswe AmaZulu
UBenni McCarthy noSandile Zungu
Alfred Ngubane

UBenni McCarthy uphumele obala okukuqala ngoLwesibili kulandela ukukhonjwa kwakhe indlela AmaZulu FC ngenyanga edlule.

Lo mqeqeshi uveze ukuthi indlela ahlukana nayo naMazulu ayibanga yinhle. Umunwe uwukhombe kumengameli weqembu uSandile Zungu ngokuba namaphutha kakhulu.

Uphinde waveza ukuthi leli qembu lishayekile ezimalini njengoba wangenelela ukuthi lingabe lisakhempa ngoba kuthiwa lokho kudla imali eningi.

“Nokuthi siqede endaweni yesibili ngesizini edlule kwaba yinhlanhla ngoba bekungekho ngisho inkundla eqinisekisiwe la iqembu lijimela khona.

FUNDA NALA: Kwehle umthwalo emahlombe kaZwane kuwina iChiefs

“Ukujima bekuncike ekutheni aberabhi abayisebenzisi yini inkundla. Nalapho bewufica inkundla imagebhugebhu, kungadlaleki kodwa abadlali bo Suthu bebekezela,” kusho uMcCarthy ekhuluma nabeSABC Sport.

Uphinde walifisela inhlanhla leli qembu ukuthi liyephambili njengoba kuthe ngoLwesibili linqobile kwiSwallows FC ng0 1-0.

UPhumlani Dube okhulumela AmaZulu uziphikile lezi zinkulumo zikaMcCarthy wathi into engekho yonke leyo.

Nakuba uDube ekuphika kodwa uMcCarthy waziwa ngokungalali endleleni njengoba ezikhulumela lokho afuna ukukhuluma akanayo imfihlo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.