UBenni uvuse Usuthu ebuthongweni beminyaka

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC anegama elihlonishwayo emlandweni webhola eNingizimu Afrika futhi angelinye lamaqembu amadala kakhulu uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo.

Usuthu lusungulwe ngo-1932 nokuchaza ukuthi luneminyaka engu-89. Kule minyaka AmaZulu ekhona sekuke kwathula isikhathi eside impela engahlabani ngalutho, kunalokho ehla enyuka, esitha ehlathini aphinde azabalaze anyuke.

Ngesikhathi seNational Professional Soccer League (NPSL) Usuthu luwine iligi ngo-1972. SekuyiNational Soccer League (NSL) AmaZulu awine iCoca Cola Cup (esibizwa ngeTelkom Knockout) ngo-1992. Kowamanqamu ehlula iKaizer Chiefs ngo 3-1.

Kube sekufika izikhathi ezinzima kuMaZulu sekuyiPremier Soccer League (PSL). Leli qembu laseThekwini belizithola lisemsileni njalo uma kuzophela isizini, futhi like lagawulwa yizembe izikhawu eziningi.

Ukubalwa namaqembu asuke evika izembe koSuthu bese kuyinto ejwayelekile, futhi seluke lwadlala nasemidlalweni yokuhlunga elisuke lizodlala kwiPremiership ngesizini elandelayo, ngakho ukuqeda kunombolo 15.

Isizini ka-2020/21 akungabazeki ukuthi imangaze abalandeli abaningi baMaZulu, yaphinde yaletha injabulo akade bayigcina. Ukuqeda endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership koSuthu, kuyinto ehlule amaqembu amaningi, okubalwa kuwona iChiefs, Orlando Pirates neSuperSport United.

Usuthu luzodlala kwiChampions League okokuqala ngqa

Kuyinto eyaziwayo ukuthi izinto zishintshe ngokuthi uSandile Zungu, umengameli, athenge iqembu ekuqaleni kwesizini. Uhlekwe usulu ngesikhathi ethi: “Ngifuna ukubona iqembu liqeda namane aphezulu ekupheleni kwesizini.”

Nokho ukuqasha koSuthu umqeqeshi uBenni McCarthy kukeka kube yisinqumo esihle kakhulu. UMcCarthy uthathe iqembu walenza lashaya kwasani, kwaphela eminingi imidlalo lingayazi induku.

Ukuqeda koSuthu endaweni yesibili kwenze lwazibekisela indawo kwiCAF Champions League yangonyaka ozayo okokuqala emlandweni. Ngaphezulu kwalokho uBenni ukhethwe njengomqeqeshi obaqwaqwade bonke emakhanda ngesizini ka-2020/21.

“Ngiyabonga ngokungivotela, nokungenza umqeqeshi wesizini. Bengingeke ngikwenze lokhu ngaphandle kwethimba lami labaqeqeshi. Basebenza ngokuzikhandla kakhulu futhi bayangeseka.

“Njengeqembu sikwazile ukuqinisekisa ukuthi iqembu liqeda endaweni yesibili okusho ukuthi lizodlala kwiCAF Champions League. Nokho abantu okumele banconywe kakhulu abadlali.

“Ngibonga umengameli, nomndeni wakwaZungu ngokunginika ithuba lokwenza lokhu engikwenzile,” usho kanje uMcCarthy ngemuva kokuthola umklomelo.

Okubalulekile lapha ukuvuka kweqembu elinomlando ebholeni laseNingizimu Afrika, ebese lithathwa njengeqembu elidlalela ukuvika izembe wonke amasizini. Kungumlando ongeke ulibaleke okwenziwe AmaZulu ngaphansi kukaBenni.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.