UBenni uyaqhonosha ngashiye ekwenzele Usuthu

UZwane, uBenni noma ithole omunye, sinzima isinqumo sabeChiefs
USiyethemba Sithebe noBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

Ubonge abadlali baMaZulu FC, ngemuva kokukhonjwa eza ngayo obengumqeqeshi waleli qembu uBenni McCarthy, ngoLwesihlanu ntambama.

Ukuhlukana kukaBenni noSuthu kuqinisekiswe yilona iqembu ngesitatimende elisithumele ngoLwesihlanu ntambama. Nokho kuthe kwenzeka lokho Impempe bese ivele ibikile ukuthi seligcwale umoya kumfo kaMcCarthy.

“Ngithanda ukubonga abadlali nabalandeli ngokungeseka selokhu ngijoyine AmaZulu,” kusho uBenni esitatimendeni.

“Ngiyazigqaja ngokuthi ngiqophe umlando neqembu, ngilisusa lapho belilengelwa yizembe khona, laqeda endaweni yesibili kwilogi ngesizini edlule.

“Ngibe sengilibeka emidlalweni yamaqoqo kwiCAF Champions League, kanti konke lokhu bekwenzeka okokuqala ngqa.

“Sishaye iTP Mazembe okuyiqembu eseliwine iChampions League kaningi. Ngifisela iqembu okuhle kodwa ukuya phambili njengoba lizokwakhela kule mpumelelo.”

Kulesi sitatimende iqembu liveze ukuthi lizoqhubeka nokulwela ukuqeda endaweni yesine kwilogi.

Ukushiya kukaBenni akwethusi kakhulu uma kubhekwa izinto ezenzekile ezinyangeni ezedlule. Kuvelile ukungaboni ngaso linye mayelana noSiyethemba Sithebe, okuthiwa usesayine inkontileka yesikhashana neKaizer Chiefs.

Usihlalo woSuthu, uSandile Zungu, ulibeke ngembaba elokuthi ngeke aphinde aligqoke ijezi laMaZulu uSithebe njengoba ezoze ahambe ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe ngoJuni.

Ngakolunye uhlangothi uBenni ukuvezile ukuthi usafuna ukumsebenzisa umdlali ngoba usenenkontileka naMaZulu. Okunye okuvezwe uBenni ukuthi kukhona abadlali abebafuna ekuqaleni kwesizini kodwa wagcina engabatholanga okuyinto ebimkhinyabeza ekusebenzeni kahle kule sizini.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.