UBenni uyifuna esitikini iCeltic koweDStv Premiership

UBenni McCarthy ocija AmaZulu FC ufuna iwashiye eKings Park amaphuzi iBloemfontein Celtic

MTHOKOZISI MNCUSENI

Usenegqubu neBloemfontein Celtic umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy ngaphambi kokuthi la maqembu aphinde ahlangane kwiDStv Premiership eJonnson Kings Park Stadium, ngoLwesibili ngo-3 ntambama.

UMcCarthy ukholwa ukuthi iqembu lakhe liyiyekile iCeltic emdlalweni wayo ophele ngo 1-1 eDr Molemela Stadium, (emasontweni ambalwa edlule).

Lo mqeqeshi ubona lo mdlalo uzobanika ithuba okubhodla ngamaphuzu amabili athi bavume kalula ukuthi iCeltic ibaphuce wona.

“Kumnandi ukuthi sidlalela ekhaya kodwa kubalulekile ukuyiqapha ngelokhozi iCeltic ngoba iyiqembu elingagcini ngokugijima kuphela kodwa lidlala into ebonakalayo.

“Sikuqonda kahle esibhekene nakho yingakho kusemqoka ukuthi sisicubungulisise kahle isikimu esizoya ngaso kulo mdlalo.

“Kusemqoka kakhulu kithina ukwenza iKings Park inkundla okungabuyi lutho kuyona. Akukho okunye okuzosisiza ngaphandle kokuthi iCeltic siyikhombise zisuka nje ukuthi kunzima kangakanani ukudlala noSuthu eThekwini.

“Ngisakhala ngendlela esiyeke ngayo amaphuzu agcwele kwiCeltic emdlalweni wethu nayo odlule. Yize siye kulo mdlalo kukhona abadlali abaningi ababengekho ngokwahlukana kwezizathu kodwa ngicabanga ukuthi bekufanele sibuye nawo ephelele eBloemfontein amaphuzu.

“Bafike kahle-ke kulokhu bekhona cishe bonke abadlali bami. Ithuba elikahle leli lokuqoqa amaphuzu ukuze sizobaleka kakhulu nakulaba abazikala ngathi,” usho kanje lo mqeqeshi.

Usuthu luya kulo mdlalo lungayazi induku emidlalweni yeligi emine kulandela ukunqoba kwalo kwiStellenbosch FC ngoLwesihlanu. Le wini yeStellies bekungeyesibili kulandelana kwiligi.

“Zikhona izimpawu zokukhathala kubadlali abathile yingakho ngihlela ukushintsha izinto uma sesidlala ngoLwesibili, kusho uBenni McCarthy.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.