UBerg uthembisa ukuyenza ibuse kuzo zonke izinhlaka iSundowns

UBerg uthembisa ukuyenza ibuse kuzo zonke izinhlaka iSundowns
UFlemming Berg noThlopie Motsepe
Alfred Ngubane

IMamelodi Sundowns imemezele ukuqokwa kukaFlemming Berg waseDenmark njengomqondisi wezemidlalo kuleli qembu.

Umsebenzi kaBerg kuzobe kuwukuqinisekisa ukusebenzisana nokuthuthuka kwamaqembu ehlukene kwiSundowns kusuka ezinkulisa kuya kwelabesifazane nelabesilisa.

Le nkakha isisebenze kakhulu ngaphambilini emaqenjini ehlukene okukhona kuwo iChelsea FC yase-Englandla ayengumhlwayi wabadlali khona.

Ufika kwiSundowns nje usuka ngakubo eDenmark la abesebenza khona njengomqondisi wokuthuthukisw akwentsha.

“Ubesebenza kwiDenmark Football Federation iminyaka eyisikhombisa,” kusho usihlalo weSundowns uThlopie Motsele ngesikhathi ethula uBerg.

“Uke waba nangumhlwayi wamakhono kwiChelsea futhi useke wasebenza ezinhlakeni eziphambili zebhola emhlabeni.

“Ube nesandla ekukhuliseni ibhola eDenmark njengoba yagcina isuka endaweni ka-43 ekuklelisweni kwamazwe omhlaba yenyukea endaweni ehloniphekile impela.”

UMotsepe uphinde wacacisa ukuthi ukuqashwa kwakhe akuzange kube yimfihlo futhi abaqeqeshi, oManqoba Mngqithi, Rulani Mokwena noSteve Komphela bebazi ukusuka nokuhlala ngakho.

FUNDA NALA: Uthe sebeyoxolelwa nguMdali abamgqekezele oweMaritzburg

“Izingxoxo naye ziqale maphakathi no-2021 futhi sixoxile kabanzi nabaqeqeshi bethu sibachazela ngalokhu.

“Ngenhlanhla nje bangabantu abaliqondayo ibhola lesimanje futhi bacabangela nekusasa ngakho bakuqondile ukuthi yini lokhu kubalulekile eqenjini,” kucacisa uMotsepe.

UBerg yena uthe akafuni ukukhuluma kakhulu kodwa ngumsebenzi wakhe ozomkhulumela njengoba ethembisa izimanga nje.

“Uzowubona umsebenzi wami kule minyaka ezayo. Kuyinto enkulu kimi ukuba lapha,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-49.

“Yizwekazi elihle kakhulu leli, kanti nezwe engikulo lihle impela. Ngingumuntu ovulelekile futhi ngiyakwazi ukusebenzisana nabanye abantu.

“Ngifuna ukuthatha leli qembu ngilenyusele kwelinye izinga,”  kusho yena. Lesi sikhundla asinikiwe sibalulekile ebholeni lesimanje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.