Ubesefana ‘nomama wengane’ uBenni kubaphathi boSuthu

UBenni McCarthy, lo osanda kuchithwa AmaZulu FC, ubesefana nomama wengane ngokulokhu ekhononda ngokuthi abaphathi
UBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

UBenni McCarthy, lo osanda kuchithwa AmaZulu FC, ubesefana nomama wengane ngokulokhu ekhononda ngokuthi abaphathi beqembu abazange bamlekelele ngokuqinisa iqembu ekuqaleni kwesizini.

Lokhu ubekuveza njalo lapho ethole khona ithuba lokukhuluma, efuna kuvele ukuthi kubheda nje yingoba abaphathi abenzanga ngendlela abecele ngayo.

Ubehlale ekuveza njalo uma ebuzwa ukuthi kungani iqembu lingenzi kahle kule sizini, uma kuqhathaniswa nedlule.

“Ukukhuluma iqiniso kakhulu kungase kungenze ngixoshwe,” kusho uBenni ngemuva kokuthi Usuthu lushaywe yiRaja Casablanca ngo 2-0 eMoses Mabhida Stadium.

“Ngesikhathi ngijoyina iqembu laba badlali bazinikela ngayo yonke indlela. Benza okungaphezulu kwalokho okwakulindelekile kubona.

“Ngafika iqembu lihleli kunombolo 13 kodwa sagcina siqede isizini sisendaweni yesibili. Ngicabanga ukuthi alikho iqembu eselike lenza lakho selokhu kwasungulwa iPSL.”

AmaZulu akuwahambeli kahle kule sizini nokufakazelwa ukuthi asawine imidlalo eyisihlanu kuphela, adlala ngokulingana engu-14 kwengu-23.

FUNDA NALA: UKhoza uthi ababuye abalandeli ezinkundleni, kodwa bagomile kuphela

“Uma ufuna ukugcina umgqigqo weqembu kumele wengeze ngabanye abadlali. Kumele ulande abadlali abasha,” kusho uBenni.

“Abadlali kumele babe nenselelo, akumele bazi ukuthi nakanjani bazosithola isikimu. Uma umdlali engasitholi isikimu kalula, uyalwa ejimini.

“Ngiyazi ngoba nami ngike ngaba umdlali. Uma ngingenzi kahle bese kungena omunye umdlali afike ashaye amagoli amabili, lokho kuchaza ukuthi ngizohlala ngaphandle emidlalweni elandelayo.

“Leli akulona iphutha labadlali kodwa iqembu kumele libheke ukuthi sibathola kanjani abadlali abasha.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *