Ubhayiziseke kwiChiefs neChippa wagcina ebuyele ekhaya uHunt

Ubhayiziseke kwiChiefs neChippa wagcina ebuyeke ekhaya uHunt
Usihlalo weSuperSport United uKhulu Sibiya emukela uGavin Hunt osebuyele ekhaya kuleli qembu
Sbongs Gumbi

UGavin Hunt ubuyele ekhaya njengoba esezophinde aqeqeshe iSuperSport United okuyilona qembu aveza kulo amava akahe kwezokucija amaqembu kwiPremier Soccer League (PSL? .

UHunt wethulwe ngokusemthethweni kuleli qembu ngoLwesine ekuseni ngemuva kwesikhathi kunokuqagela ngalesi sikhundla esavuleka kuxoshwa uKaitano Tembo.

Ngesikhathi ekuleli qembu uHunt wadla isicoco seligi amahlandla aze aba mathathu kulandelana kungazelele muntu, kanti nezicoco wayezenzela nje kuzo.

Walishiya waya kwiBidvest Wits nakhona wafike waba nempumelelo encomekayo edla izicoco wase wavala ngeseligi ngaphambi kokuba lihlakazwe leli qembu.

Ube eseqashwa yiKaizer Chiefs kodwa izinto zafike azangahamba ngendlela ayefisa ngayo, waxoshwa kungakapheli nesizini.

Ngemuva kwalokho uthushuke kwiChippa United kwathuka abaningi kwazise leli qembu lidume ngokuxosha abaqeqeshi sengathi liyabukisa.

Akahlalanga isikhathi esitheni nakhona njengoba kwenzeka okwakulindelwe cishe yiwo wonke umuntu esekhonjwa afike ngayo.

Nokho ke manje usebuyele ekhaya njengoba esephinde waba yiTsatsansa nje. Uthe uyibheke ngabomvu inselelo ezayo yokuvusa leli qembu.

”Ngijabule kakhulu futhi sengiyibheke ngabomvu inselelo ezayo, ikakhulukazi ukusebenza nabafana abasebancane,” kusho uHunt.

“Sizokwakha iqembu eliqinile futhi elizoncintisana ngokugcwele namanye kwiPSL. Sengikujahile ukuqala lo msebenzi oyinselelo entsha kimi,” kuqhuba yena.

FUNDA NALA: UBooth uncoma iChiefs ngokusayina kahle, kodwa uthi isesemuva kwiSundowns

Isikhulu esiphezulu kwiSuperSport, uStanley Mathews, sithe uHunt ubuye ekhaya njengoba enomlando omude futhi omuhle naleli qembu.

“UGavin unomlando omuhle naleli qembu futhi irekhodi lakhe liyazikhulumela njengoba enezicoco zeligi ezine nezinye izindebe zomkhumulajezi.

“Sinabadlali abasebancane abahle kakhulu futhi akungabazeki ukuthi bazozuza lukhulu kuGavin njengoba enamava kanjena nje.

“Esesikubhekile manje wukuhlanganisa abadlali abasebancane nabadala, nalabo esizobasayina kula maviki ambalwa ezayo,” kusho uMatthews.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.