Ubheka ngala kukuhle ngakhona uNgcobo weChiefs

UNkosingiphile Ngcobo

SIHLE NDLOVU

‘IKaizer Chiefs ibe nesizini embi kakhulu efuna ukuyikhohlwa ngokushesha kodwa kukhona okuhle okwenzekile futhi kumele sakhele phezu kwakho.’

Lokhu kushiwo uNkosingiphile Ngcobo ongomunye wabadlali abenza kahle kule sizini kuMakhosi, yize kumnyama bhuqe eNaturena uma kukhulunywa ngemiphumela yeDStv Premiership.

UNgcobo ubengekho ngesikhathi iChiefs ishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weligi ngeSonto.

Nokho udlalile ngesikhathi beshaywa yiChippa United ngo 1-0 ngoLwesibili eFNB Stadium.

IChiefs izithola isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership futhi ingase izithole ihluleka ukungena kwiTop 8 uma imiphumela iqhubeka ngendlela ehamba ngayo. Izobhekana neBloemfontein Celtic ePetrus Molabela Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Ungiphuthile umdlalo esiwudlale neMamelodi Sundowns kodwa ngicabanga ukuthi njengeqembu senze kahle kakhulu.

“Sidlale ngokuzethemba sakwenza konke ebesikuhlelile, futhi sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uNgcobo.

“Ngemuva kwalokho ngibuyile sesibhekene neChippa United. Nokho izinto azisihambelanga kahle, sishayiwe.

“Ngicabanga ukuthi bekumele sishaye igoli emizuzwini engu-30 yokuqala kodwa sangakwazi ukukwenza lokho.

“Kumele sibeke imiqondo emdlalweni olandelayo esizowudlala neBloemfontein Celtic. Ngeke kube lula kodwa sizilungiselele, sizokwenza isiqiniseko sokuthi siya laphaya sithole amaphuzu aphelele.”

Okuhlalukayo ngeChiefs ukuthi kule sizini yenza kangcono uma isekuhambeni, eFNB Stadium izinto aziyihambeli kahle njengoba kwenzekile ibhekene neChilli Boys ngoLwesibili.

“Njengoba iligi iya ngasekupheleni manje, ngicabanga ukuthi akubanga yisizini enhle kithina nnjengeqembu.

“Nokho kukhona okuhle esingakubamba sakhele phezu kwakho. Kube yisizini engeyinhle kodwa kukhona lapho senze khona kahle kwiCAF.

“Siphule amarekhodi lapho. Kumele sibheke phambili siqede isizini endaweni engcono,” kuphetha uNgcobo.

IChiefs idlala kahle kwiCAF Champions League njengoba isizodlala umdlalo we-quaterfinal.

Nokho ngoMgqibelo kumele izame ukuthola amaphuzu kwiSiwelele ukuze ingazifaki ehlazweni lokuphuthwa yiTop 8. Sekuke kwenzeka lokhu kuleli qembu laseNaturena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.