Ubhoboka ngokwamshiyisa kwiPirates uZinnbauer

Ubhoboka ngokwamshiyisa kwiPirates uZinnbauer
UJosef Zinnbauer
Intatheli yeMpempe

Ugcine ebhobokile ngokwamenza washiya isigubhukane kwi-Orlando Pirates umqeqeshi, uJosef Zinnbauer, waseGermany.

Uthi ukuba kude nomndeni wakhe ngesikhathi obumdinga ngaso, yikho okwenza agcine enqume ukwesula kuleli qembu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZinnbauer walinyalelwa indodana yakhe engozini yemoto eminyakeni emibili edlule.

Wayelokhu eyivakashela eyoyihlola isimo sayo njengoba yayiqulekile, uma ethole ithuba, bese ebuya kuleli.

Uthe lokhu kugcine kucaca ukuthi kuyamgqilaza kwazise nomndeni wakhe bewumdinga abe seduze njengobaba.

“Into enkulu bekuyizinto zomndeni ebezingidinga,” usho kanje kwabeMTN FC. Kuyaziwa ukuthi indodana yami yaba sengozini yemoto ngakho bengifuna ukuba seduze nayo.

“Umkami nendodana le encane bebenokungivakashela eNingizimu Afrika kodwa bekuba yisikhashana, futhi kungenzeki njalo.

“Ukuthola izindiza bekuyinkinga ngenxa yeCovid futhi bebebuye bengavunyelwa ukuya eNingizimu Afrika. Bese ngifuna ukuba seduze nomndeni wami,” kusho lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: IChiefs yenyuse imali yamathikithi emidlalo yayo yasekhaya

UZinnabuer ushiye ngasekuqaleni kwale sizini, kanti kube sekubamnjiswa uMandla Ncikazi noFadlu Davids kulo msebenzi wokupheka eZimnyama.

Uthe indodana yakhe, uFabio, usephumile esibhedlela njengoba esephapheme kodwa akakelulami ngokugcwele.

UFabio naye ubengumdlali webhola kodwa esadlala ezigabeni eziphansi eGermany, ngesikhathi evelelwa yile ngozi.

“Kunzima ukukhuluma ngale nto. Sekuqala ukuba ngcono kodwa usekude ukuthi alulame ngokugcwele.

“Uyazama yena kancane kancane. Ubequleke isikhathi eside kanti usanda kuphaphama nje. Bengimvakashela kuphela uma kunekhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *