UBilliat ubona ubungozi kuHunt owazi ubukhali nobuthuntu beChiefs

UBilliat ubona ubungozi kuHunt owazi ubukhali nobuthuntu beChiefs
UKhama Billiat
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba izinto zingamhambelanga eqenjini lesizwe langakubo eZimbabwe nje, uKhama Billiat unayo indlela yokuchitha leli hlazo.

IZimbabwe ishaywe yiGhana ngo 1-0 ekuhambeni nasekhaya emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 ezoba seQatar.

“Kuhambe kahle, kube yindlela yokufunda okusha. Sihlezi sifunda ezimweni ezinjena.

“Ukuba sesimweni esihlukile kuyinto esikhulisayo. Kodwa asiwatholanga amaphuzu aphelele njengokufisa kwethu.

“Siyakwamukela ukuthi ithina esingazange siwasebenzise amathuba. Asizange sikhombise ukuthi sisekhaya…

“Kodwa siyaziqhenya ngokuthi sizamile ukwenza izinto umqeqeshi azifunayo futhi iqembu libonakala lisendleleni enhle.

“Sesigxile kakhulu kwi-Afcon lapho sifuna ukuzama ukuthola izinto ezinhle khona.

“Okwamanje silwela ukujwayela amacebo nezindlela zomqeqeshi ukuze kufike i-Afcon sesiwumshini,” kusho uBilliat

IZimbabwe izobe idlala okokuqala kwi-Africa Cup of Nations ngemuva kweminyakanyaka yehluleka wukungena.

KukwiKaizer Chiefs la uBilliat angenalo khona ihlamvu lokuzivikela ngokuthi kungani iqembu lingenzi kahle.

Futhi njengoba indonda nje kwiDStv Premiership iChiefs, awukho omunye umqhudelwano engathi izokhalela kuwo uma kungalungi lapha.

“Sesibuyile,” kusho uBilliat oseseNaturena, ikomkhulu leChiefs ngoLwesine. “Nemiqondo sesiyibuyise lapha.”

IChiefs ibuyela enkundleni ngoMgqibelo ntambama uma seyibhekene neChippa United ephekwa nguGavin Hunt obekwiChiefs ngesizini edlule.

“Ngeke kube lula. Kuzoba yimpi enkulu. Thina kumele sihlale singasuki endleleni yethu yokudlala.

“Kumele sihloniphe amacebo ethu okudlala. Ngizizwa ngisesimweni esihle. Sesifikile isikhathi sokulungisa izinto ezincane ezizokwenza umehluko.

“Izinto ezizokwenza sikwazi ukushaya amagoli amaningi bese sikwazi nokuwavikela amagoli uma sesiwashayile singadedeli ngakithi.

FUNDA NALA: Uya eThekwini umdlalo wamanqamu ozobukwa abalandeli bukhoma

“Kuzomele sibe sesimweni esihle kakhulu. Ngeke kube lula ukudlala nomqeqeshi uGavin njengoba kade elapha nje.

“Uyabazi bonke abadlali nabahle kukho nalokho ababuthaka kukho kanti uma usubheka nesipiliyoni sakhe kuyacaca ngeke kube lula.

“Kodwa yithuba elihle kithi ukuthi sidlale naye kusemanje ukuze sizibeke ezingeni elingcono. Kumele siqale ukuqoqa amaphuzu.

“Asiqalanga ngendlela ebesifisa ngayo. Sibona sengathi sivinjwe izinto okumele zihlale zikithi. Inkinga nje wukuthi asiyitholi imiphumela.

“Kumele sizame ukugcina ibhola isikhathi eside ukuze sikwazi ukutholana kahle uma siphaselana…

“Sikwazi ukwakha iminyakazo yokuhlasela emihle. Thina njengabagadli kumele sibhukule ukuze sinike iqembu okuthe xaxa ngokushaya amagoli.

“Uma sishaya amagoli iqembu lizoba sesimweni esihle sokuthi lidlale. Akulula ukudlala kahle uma sewulandela ngemuva.

“Uma singalishaya kuqala igoli kusinika ukuzethemba neqembu liqale lidlale ngokukhululeka likwazi ukuvikela igoli.

“Kodwa kusewumsebenzi osenziwa futhi sibona kuza kahle, singamasosha sizoqhubeka sizinikele nje,” kusho uBilliat.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.