UBilliat ujabhise iBaroka esiza iChiefs iqede ishobolo lokungawini

UBilliat ujabhise iBaroka esiza iChiefs iqede ishobolo lokungawini
OkaDonga Gumbi

UKhama Billiat uphoxe iBaroka FC isithembile ukuthi okungenani izothola iphuzu elilodwa eshaya igoli sekusesikhathini esengeziwe.

Leli goli lisize iChiefs yawina ngo 1-0 kulo dalo weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium ngoMgibelo kusihlwa.

IChiefs iwuqale ngegiya eliphezulu lo mdlalo icindezela futhi ibuya iphindelela emapalini eBaroka ifuna ukusheshe ithole igoli.

Ukucindezela kwayo kugcine kuphoqa uKhayelihle Shozi ukuthi adlalise kabi uKeagan Dolly obefuna ukudlubulundela ayibhekana nonozinti u-Oscarine Masuluke.

UShozi ube nenhlanhla ukuthi axwayiswe ngekhadi eliphuzi kulesi senzo sakhe ngoba abanye onompempe bebengamkhomba ngaphandle ngelibomvu bese kungakhali muntu.

Yize iChiefs bekuyiyo ephethe umdlalo, yehlulekile ukukusebenzisa ngendlela lokho njengoba beyibonakala iphelelwa amacebo uma seyisondela emapalini eBaroka.

Lokhu kwenze iBaroka yazibona nayo isenalo ithuba lokuthi kukhona engakwenza kulo mdlalo, yaqala nayo yahlanganisa imizamo yokuya phambili. Nayo kodwa akukho okutheni ebikwenza phambi kwamaplai eChiefs. 

FUNDA NALA: UMhlakwana usefuna izicoco zemijaho emikhulu

Ngomzuzu ka-36 kuke kwacima izibani kule nkundla obekudlalelwa kuyo kodwa zabuye zakhanya ngemuva kwemizuzu emibili.

Nasesiwombeni sesibili iChiefs ibuye kuseyiyo engcono ngokomdlalo futhi icishe yakusebenzisa ukuphatha kwayo umdlalo ngomzuzu ka-54.

UKhama Billiat uthoel ibhola elide ebelisuka emuva, wajika uMasuluke obephumile ezozama ukumvimba kodwa kwaqhamuka uDenwin Farmer wawususa umhlolo ekhaya.

IBaroka yiyo ecishe yalishaya kuqala igoli ngomzuzu ka-63 kodwa u-Evidence Makgopa waba nebhadi ibhola lakhe abelingqofile lazishayisa epalini.

Emizuzwini embalwa ukusuka lapho noRichard Mbulu uzamile engqofa ibhola ebeligotshwe kwesokudla kodwa laphuma eceleni.

Ngemuva kwalokhu bese kucaca ukuthi akusekho okutheni lamaqembu angakwenza kulo mdlalo futhi asenelisekile ngokucazelana amaphuzu.

Nokho uBilliat ubuye wajika ukucabanga wathi cha amaphuzu bazobuyela nawo ephelele eNaturena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *