UBilliat unxenxa ozakwabo kwiChiefs ukuthi bengathuswa abalandeli

UBilliat unxenxa ozakwabo kwiChiefs ukuthi bengathuswa abalandeli
UKhama Billiat
OkaDonga Gumbi

UKhama Billiat unxenxa ozakwabo kwiKaizer Chiefs ukuthi bengathuswa wukudlala phambi kwabalandeli, kodwa bakujabulele, kubenze bafake umfutho othe xaxa.

Abalandeli basanda kubuyela ezinkundlani kuleli njengoba bese kuphele iminyaka emibili bengavunyelwe ngenxa yemigomo yokulawula ukubhebhetheka kweCovid-19.

Beqala ukubuyela eFNB Stadium – okuyinkundla yasekhaya yeChiefs – abalandeli bafike bahhahhameza obengumqeqeshi ngaleso sikhathi uStuart Baxter bethi akahambe.

Ugcine ededeliwe lo mqeqeshi ukuthi ahambe ngemuva kokuthi naye ekhulume kabi ethi ngeke yena atshelwe abalandeli ukuthi enzeni.

“Abalandeli bethu abasithusi, basuke bezoseseka ukuthi senze kangcono,” usho kanje uBilliat kwi-website yeChiefs.

“Akumele sesabe ukudlala phambi kwabo . Besibakhumbule (ngesikhathi bengekho). Mhlawumbe yinto okumele siyibheke ukuzilungiselela ngokwengqondo ukudlala phambi kwabalandeli.

“Kumele sikuqonde ukuthi basuke bezoseseka, bezojabula uma senza kahle bese besifaka amandla okuthi silwele umphumela omuhle.

“Babalulekile futhi kumnandi ukuba nabo enkundleni. Siyakujabulela ukubuya kwabo ngoba basifaka umfutho,” kuchaza uBilliat.

IChiefs izogadulisana neCape Town City khona eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama emdlalweni okulindeleke ushise.

UBilliat uthi kumele bawine ukuze bafeze isifiso sabo sokubuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

Ukuze ibuyele, iChiefs kuzomele iqede endaweni yesibili kwiDStv Premiership kule sizini. Nokho uma ubheka imiphumelo emithathu edlule, akuthembisi.

FUNDA NALA: UMokwena usola ubuphixiphixi kuNcikazi ofuna kuvalwe iSundowns ukusayina abadlali

“Ngeke kube lula, kodwa kumele silwe ngoba leli qembu kufanele lidlale kwiChampions League unyaka nonyaka.

“Kumele sibanikeze lokho abalandeli. Asikwazi ukuya kwisizini ezayo singezukudlala kwiChampions League.

“Kumele siqine engqondweni bese sibambisana njengeqembu, siqinisekise ukuthi siyazikhandla kukho konke esikwenzayo.

“Kumele sizethembe, sisekane bese sikholelwa kubaqeqeshi abakhona njengamanje ngoba sekusele kancane izinto zihlangane.

“Sizoqhubeka silwe, sizoqina. Imiphumela ayibanga yilento ebesiyifisa kodwa lokho kusho ukuthi kumele sinyuse amasokisi.

“Kumele umdlali ngamunye azinuke amakhwapha, azibheke ukuthi uyabeseka yini abanye ukuqinisekisa imiphumela emihle yeqembu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.