UBilliat usewabeke ethala amakhokho kwiZimbabwe

UBilliat usewabeke ethala amakhokho kwiZimbabwe
UKhama Billiat
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UKhama Billiat odlalela iKaizer Chiefs usethathe isinqumo sokuthi khumu ekudlaleni eqenjini lesizwe langakubo eZimbabwe.

Lo mdlali, oneminyaka engu-31, ubukeka ebuyelwa yifomu yakhe kuMakhosi selokhu kufike uKeagan Dolly atholana kahle naye.

UBilliat uyena obengukaputeni weWarriors njengoba ibidlala imidlalo yokugcina yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar.

Badlale neNingizimu Afrika base beyivala ne-Ethiopia. Kule midlalo iZimbabwe bese iqedela nje ngoba ibingeke isakwazi ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

“Kwakuyiphupho. Ngesikhathi ngisemncane ngangihlale ngiphupha ngokumela izwe lami ngidlalele iqembu lesizwe.

“Leli phupho elalibukeka likude kakhulu kuKhama owayemncane waseMufakose, laqhamuka ngesikhathi ngingalindele,” kusho uBilliat esitatimendeni.

“Ngosuku lwami lokuqala ngigqoke imibala yeWarriows, ngafunga ukuthi ngizozijabulisa mina bese ngiphakamise izwe lami.

“Ukushaya igoli kwi-Africa Cup of Nations yinto engisayicabanga namanje emqondweni wami.

“Umuzwa omnandi kunayo yonke engake ngayizwa ngigqoke ijezi eliphuzi.

“Umuzwa wokushayela igoli izwe lakho enkundleni egcwele phama yinto ongasoze uyilibale.”

Abanye bangacabanga ukuthi mhlawumbe uBilliat usheshe wayeka ukudlalela iqembu lesizwe ngoba useneminyaka engu-31 kuphela.

Nokho kungenzeka ukuthi ugwema ukulimala ukuze agxile kahle kwiChiefs.

Baningi abakholwa ukuthi usalikweleta iqembu laseNaturena okuvela ukuthi limkhokhela imali eshisiwe.

“Udaba nodaba, noma lungaba mnandi kanjani, luhlale luzoba nesiphetho.

“Lesi yisinqumo esinzima kunazo zonke esengake ngazithatha empilweni yami kodwa ngisithatha ngenhliziyo ekhululekile.

“Njengalaba abasicabela indlela thina sizukulwane esidlalela iWarriors manje ukuze sibe khona, sengikhethe ukuthi khumu ekudlaleni ibhola lomhlaba.

FUNDA NALA: Sekuvele okusha ngephenathi eqhathe iBafana nenduku eGhana

“Ngikholwa wukuthi sekuyisikhathi sokudedela ikhono elisha ukuthi liqhakaze, limele izwe njengoba ngenzile, noma lenze okungaphezulu kwalokho.

“Ngiyabonga kwiZimbabwe ngokungeseka mina nabanye ozakwethu kuyo yonke indlela ebesiyihamba.”

Ubabongile abaqeqeshi, abadlali nabo bonke abantu asebenzisane nabo eqenjini lesizwe.

UBesedlale izikhawu ezingu-45 eqenjini lesizwe kanti ushaye amagoli angu-13.

UBilliat kulindeleke ukuthi asize iChiefs iqhubeke nokuwina uma isibhekene neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *