UBilliat uveze isifiso sokuhlala kwiChiefs aphelelwe yinkontileka kuyo

UBilliat uveze isifiso sokuhlala kwiChiefs aphelelwe yinkontileka kuyo
UKhama Billiat
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UKhama Billiat usathanda ukuhlala kwiKaizer Chiefs. Lo mdlali onekhono elimangalisayo uphelelwe yinkontileka kwiChiefs nguJuni 30 kodwa indlela akhuluma ngayo iveza ukuthi usafisa ukuhlala.

Akuqondakali ukuthi uBilliat weluleliwe yini inkontileka ngenyanga njengabanye ukuze akwazi ukudlala kowamanqamu kwiCAF Champions League. Uma edlalile, yena noDaniel Akpeyi bazoba ngabadlali bokuqala kwiDStv Premiership ukudlala kweyamanqamu kwiChampions League kabili.

UBilliat wadlala ngesikhathi iMamelodi Sundowns iyiwina le ndebe ngo-2016. U-Akpeyi yena wadlala kowamanqamu esekwiHeartland FC yangakubo eNigeria ngo-2009. UBilliat akadlalanga kakhulu ngesizini edlule kwiChiefs ngenxa yokulimala.

IChiefs izodlala owamanqamu kwiChampions League ne-Al Ahly eStade Mohammed V, eCasablanca, eMorocco ngoJulayi 17. Kodwa useluleme futhi uma ikhona inkontileka, engadlala kowamanqamu.

IChiefs njengamanje isaxoxisana nabamphethe ngenkontileka yesikhathi eside. Ekhuluma nabeKaizer Chiefs TV, uBilliat uveze uthando analo ngeChiefs.

“Nginonbudlelwano obuhle nabo bonke abantu lapha… empeleni nje ubudlelwano obuqinile. Ngidlalile noLeonardo Castro, ngidlalile noRamahlwe Mphahlele kwiSundowns. Ngidlalile noWillard Katsande eqenjini lesizwe futhi ufana nombhuti omdala kimi kusukela kudala,” kusho uBilliat.

“Bayangeseka ngayo yonke indlela kusukela ngosuku lokuqala ngifika lapha eNaturena. Uthi ungena nje (eNaturena) ubone ukuthi wonke umuntu ukujabulele ukukubona.

“Futhi namanje kusanalowo muzwa engawuthola ngosuku lokuqala. Kumnandi ukuba kwiKaizer Chiefs,” kusho lo mdlali owashiya iSundwons yasala ingakholwanga. Ngesikhathi eshiya eChloorkop wayefana nentombi entsha endaweni eshelwa ngapha nangapha. Ne-Orlando Pirates yayimshela kodwa waqoma eNaturena.

“Ngelanga engasayina ngalo kwiKaizer Chiefs ngangingazi, ngangingakuhlelanga. Kodwa angizisoli ngakho, kwaba yinto enhle kakhulu. Ngasayina ngiseZimbabwe.

“Ngangisekhaya eholidini (isizini yayivaliwe), ngangisacabanga ukuthi kambe ngizoya kuphi uma ngisuka kwiSundowns. Maningi amaqembu ayengifuan futhi esekubekile etafuleni azonginika khona.

“Kodwa ngabona sengathi ukuya kwiChiefs yikhona okuzojabulisa abantu abaningi. Namanje ngisazizwa kanjalo,” kuchaza yena. Kwavela ukuthi empeleni iChiefs yacela uKatsande ukuthi ashayele aye ekhaya likaBilliat ayomncenga futhi kwaba yimpumelelo lokho.

UBobby Motaung obhekelele ezokusayinwa kwabadlali kwiChiefs, waya eZimbabwe esephethe amaphepha nje kuphela uKatsande eseuqedile umsebenzi wokunxenxa lesi sihlabani. UBilliat usalukhumbula nosuku adlala ngalo okokuqala kwiChiefs.

FUNDA NALA: UKatsande usefuna ukuchoma ngenkanyezi yeChampions League manje

“Ngidlala okokuqala sasidlala iMacufe Cup eFree State. Indlela engemukelwa ngayo uma ngingena enkundleni ayikholakalanga. Ngangijatshulelwe yinqwaba yabantu,” kusho yena.

Ukulimala nokwehlelwa yifomu nokho sekwenze abanye babalandeli beChiefs bazibuza ukuthi ngabe wayekufanele yini ukulandwa ngale mali eshisiwe eyakhishwa ngaye.

Indlela asadlale ngayo ayigculisi futhi akafiki kulei zinga ayekulo kwiSundowns. Kukholakala ukuthi uhola imali ecela esigidini ngenyanga kwiChiefs njengoba engomunye wabadlali abahola kakhulu kuleli.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *