UBilliat uyawemukela umsebenzi wokukhulisa izintwana kwiChiefs

UBilliat uyawakhumbula amakhehla eChiefs, usezothatha umsebenzi wawo
UKhama Billiat osengomunye wabadlali abadala kwiKaizer Chiefs
Sbongs Gumbi

Ngesikhathi uKhama Billiat efika kwiKaizer Chiefs eminyakeni emine edlule, kwakunabadlali asebekhulile ababemsiza bemjwayeza isiko laseqenjini.

Kwakukhona abadlali abafana noWillard Katsande, Bernard Parker, Daniel Cardoso noRamahlwe Mphahlele ababenamava kuMakhosi.

Kodwa manje labo badlali sebehambile kwiChiefs njengoba leli qembu belichitha amahlehla liqinisa ngabadlali abasebancane abanomfutho.  

Manje uBilliat. oneminyaka engu-31, usengomunye wabadlali abadala osekumele bathathe umsebenzi wokweluleka nokusiza abasebancane eqenjini. 

“Kunzima ukwehlukana nabantu obusubajwayele, obuchitha nabo isikhathi esiningi,” kusho uBilliat ngalokhu kuleli viki.

“Kuningi kakhulu abebekwenzela iqembu. Kodwa ke iqembu bese lidinga ukwenz aizinguquko. Sizobakhumbula impela bona.  

“Kodwa kumele sijwayele isimo sokuthi abasekho. Sihanjelwe yinqwaba yabanti abebehola iqembu. Kwesinye isikhathi akukhona okwenzeka enkundleni kuphela abasiza kukho. 

“Bangabantu ebese sibajwayele sekulula nokukhuluma nabo nangezinye izinto. Bekungabantu obukhuluma nabo ngoba okuningi obhekene nakho bese bedlulile bona kukho.”

UBilliat uyazi ukuthi manje sekuyisikhathi sabo sokuthi benze lo msebenzi obewenziwa yilaba badlali futhi ufisa ukwengeza kulokho abamuphe khona.

FUNDA NALA: Imali yiyo ebangwayo ngomjaho kaMandela

“Sekuyisikhathi la kufanele khona umuntu akhiphe amava awaphiwe futhi engeze okungaphezulu kwalokho. 

“Siyakubonga esikufunde kulaba badlali esibafice sebekhulile eqenjini. Umuntu nomuntu unendlela yakhe ehlukile yokusiza. Manje sekuyisikhathi sokuthi nabanye benze njalo.”

IChiefs izoqala imidlalo yayo yeDStv Premiership neRoyal AM eChatsworth Stadium ngoMgqibelo ngo 5 ntambama.

UBilliat uthembise abalandeli baleli qembu ukuthi lena yisizini yokuthi kube khona ababuya nakho nabo eNaturena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.