UBimenyimana uchaza ngophawu lwePirates ejabulela amagoli

UBimenyimana uchaza ngophawu lwePirates ejabulela amagoli
UCaleb Bimenyimana
Sbongs Gumbi

UCaleb Bimenyimana ube yiqhawe ngesikhathi esiza iKaizer Chiefs iwina ngempelasonto edlule, kodwa ukujabula kwakhe ngophawu lwezitha i-Orlando Pirates esejabula kulethele leli qembu amahloni.

UBimenyimana ushaye amagoli amabili behlula iSuperSport United ngo 2-1, kanti ngemuva kwegoli lokuqala wabe eseshaya uphawu olumataniswa nePirates kuleli.  

Wenza lokhu nje iPirates yizitha ezinkulu zeChiefs kanti isenzo sakhe senza abalandeli beBucs bahleke abaMakhosi ngokuthi lo mgadli kuyacaca ufisa ukubopha kumaBhakabhaka.

Kodwa uBlack Panther, noma uBM eMnyama okungamagama ateketiswa ngawo lo mgadli, usechazile ukuthi yena ubeqondeli ngophawu lokugoqa izingalo. 

“EBurundi siyalusebenzisa lolu phawu, luyingxenye yesiko lethu. Besilwenza (nabafowethu) kusukela ngineminyaka engu-17,” uchaze kanje lo mgadli. 

“Sikhule ndawonye emaqenjini amancane esizwe saze safika kwelikhulu. EBUrundi lolu phawu luchaza ukuthi ‘sibumbene, ngizokuvikela nawe ungivikele’.

“Yingakho bengifuna ukuqhubeka nalo. Lukhona ngisho efulegini lesizwe,” kwengezwa lolu nkonko oluneminyaka engu-24.  

FUNDA NALA: UWilliams uncoma ukufakwa kwabasebancane kwiBafana

“Ukwenza lolu phawu bekungahlangene nePirates. Bengingazi nokwazi ukuthi luyefana. Yinto mina nomfowethu ebesihlale siyenza, kodwa manje sengiyazi lusho ukuthini kuleli. 

“Ngeke ngisakwenza uma ngikuleli. Ngabna nje ukuthi abantu abbedidekile bekhuluma nangakho ezinkundleni zokuxhumana.

“Kodwa ngiyagcizelela, ngalwenza ngoba ngihlonipha abafowethu nabangani bami (baseBurundi). Ngangijabula,” kusho yena. 

Ophethe uphiko lwabezindaba kwiPirates uThandi Merafe ube ngomunye wabagcone iChiefs ngalolu phawu efaka isithombe esiveza elwenza uBimenyimana.

Ube esesiphelezela ngombhalo othi abeChiefs bakhohliwe wukufaka lesi sithombe ngesikhathi befaka ezinye zalo mdlalo wabo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *