Ubingelele ngamagoli amabili uLakay kwiPyramids

Ubingelele ngamagoli amabili uLakay kwiPyramids
UFagrie Lakay
OkaDonga Gumbi

Ubingelele ngendlela ezomenza asheshe azitholele indawo ezinhliziyweni zabalandeli beqembu lakhe elisha umgadli wakuleli uFagrie Lakay ngokushaya amagoli amabili.

ULakay ushaye lamagoli emdlalweni wakhe wokuqala kwiPyramids FC yase-Egypt ayijoyine ngoJanuwari esuka kwiCape Town City.

Lo mgadli oneminyaka engu-24 kade ayekhombisa ukuthi angase abe yingozi kodwa ephazanyiswa wukulimala ikakhulukazi ngesikhathi ekwiSuperSport United.

Ubuyele efomini yakhe eyamenza waqokelwa kwiBafana Bafana nguShakes Mashaba eneminyaka engu-17 esekwiCity.

Yingakho kuthusile ukuthi iCity ivume ukumdedela uma kufika iPyramids ithi iyamdinga kwazise beyisithembele kuye.

FUNDA NALA: UMayo ulamulele iCity osizini lokungawini

Nokho kubukeka ingeke isokole kakhulu ngoba seyisivale ngoMogamat May obukeka eza kahle yize engakalishayi igoli.

UKhanyisa Mayo nguye osevele waphakama wathi yena uyavuma kuthunywe yena ekushayeni amagoli kuleli qembu lika-Eric Tinkler.

ULakay ushaye lamagoli akhe ngesikhathi iPyramids iguqisa iZanaco yaseZambia ekuhambeni emdlalweni wayo weCaf Confederation Cup ngeSonto ntambama.

ELokuqala uliqabulise inethi sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini kwathi elesibili walishaya ngomzuzu ka-83 kwaba wukucima kwezibani kwiZanaco.

Ekupheleni komdlalo uLakay uqokwe njengomdlali okunguye ovelelelile kulo mdlalo obuseZambia.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.