Ubizelwe umhlangano uPitso kwi-Al Ahly, ngabe sekubhedile?

Ubizelwe umhlangano uPitso kwi-Al Ahly, ngabe sekubhedile?
UPitso Mosimane ongumqeqeshi we-Al Ahly yase-Egypt
OkaDonga Gumbi

UPitso Mosimane ubizelwe emhlanganweni nesigungu esengamele i-Al Ahly ozoba ngoMgqibelo kanti lokhu sekuqubule izinsolo zokuthi sezibaliwe izinsuku zakhe kuleli qembu.

Naye uconsisele upharafini kulesi zinsilo ebesezivele zingamalangabi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi efaka izithombe la babewine khona.

Ube esesiphelezela ngombhalo othi: “Ezinyangeni ezingu-20 ezidlule, nalu uhambo uMdali asibusise ngalo. UNkulunkulu abusise. Siyabonga futhi siyazithoba.”

Nenkampani emphethe iveze ukushaqeka ngokuthi leli qembu likumemezele esidlangalaleni ukuthi limbizele umhlangano lo mqeqeshi.

Umpathi weMTSports okuyiyo ephethe izindaba zikaPitso, uMoira Thlagale utshele abeNewsroom Afrika ukuthi yize bengakhathazekile ngomhlangano ngokwawo, kodwa ukumenyezelwa kwawo kubaxakile.

“Kuyinto ejwayelekile ukuthi iqembu libe nomhlangano nomqeqeshi. Kodwa engikuqaphelayo wukuthi okokuqala iqembu likumemezela esidlangalaleni ukuthi lizohlangana noPitso Mosimane. 

“Asikhathazeke ngalutho ngokungase kudingidwe emhlanganweni,” kusho uThlagale ongunkosikazi kaPitso.

“Lo mqeqeshi ubenemidlalo engu-95 kwi-Al Ahly futhi kwengu-88% yaleyo akehlulwanga. Umqeqeshi nethimba lakhe benze kahle kakhulu.

FUNDA NALA: Angase avumbuke kwelaseGauteng uMiddendorp oxoshwe yiMaritzburg

“Inkontileka yakhe yasayinwa futhi isemthethweni. Iqembu lakuqinisekisa kwi-website yalo lokhu nathi sakumemezela ngoMashi nonyaka. 

“Kodwa esikubonayo wukuthi kunokukhala nje okukhona, akuveli nokho kubo bonke abalandeli be-Al Ahly nabezindaba.

“Kujwayelekile ke ukuthi ngeke umuntu athandwe yibo bonke abantu kodwa okusihatha kabi wukuthi bese kuba nemizamo yokuveza umqeqeshi njengomuntu ohlulwa wumsebenzi wakhe.

“Thina sithi izibalo zakhe kusukela afika eqenjini ziyazikhulumela. Wenze umsebenzi oncomekayo kulezi zinyanga ezingu-20 ezidlule.

“UPitso uhlulwe emidlalweni eyisishiyagalolunye kuphela. Leyo miphumela iyazikhulumela,” kuchaza uThlagale.

UMosimane unengcindezi nje iqembu alenzanga kahle kule sizini edlule njengoba lihlulekile ukuwina iCaf Champions League.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.