UBlom ufuna bakhele phezu kwempumelelo yeCarling Cup kwiChiefs

UBlom ufuna bakhele phezu kwempumelelo yeCarling Cup kwiChiefs
UNjabulo Blom
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UNjabulo Blom weKaizer Chiefs unethemba lokuthi ukudlala kahle kwabo bewina iCarling Cup ngeSonto yisinyathelo esibheke empumelelweni enkulu.

Phela iChiefs sekuneminyaka eyisikhombisa yagcina ukujabulisa abalandeli bayo. Yingakho ukuwina kwayo le ndebe yeCarling ngokushaya i-Orlando Pirates sekukhahlelwa amaphenathi kuyinto enkulu kuyo.

IChiefs ayiwuqalanga kahle lo mdlalo obuse-Orlando Stadium, kodwa ngokuhamba kwawo yagcina seyiba ngcono. Esiwombeni sokuqala isindele ubuhlakani buka-Itumeleng Khune ovimbe amabhola amabi ePirates.

Esiwombeni sesibili, ngemuva kokwenza izinguquko kungena abadlali abasha oKgaogelo Sekgota noCole Alexander, kube ngcono kakhulu.

Empeleni nje ukube iwasebenzisile amathuba ayo iChiefs kulesi siwombe bekungeke kuze kuyiwe nakumaphenathi. Elilula kakulu ithuba liyekwe nguDaniel Cardoso esebekelwe iphenathi.

Kodwa lokho akusasho lutho ngoba bagcina bewinile kanti uBlom ujabule ngendlela abalandele ngayo imiyalelo yomqeqeshi uStuart Baxter kulo mdlalo.

“Ngizoqala ngokubonga uMdali ngokungipha amandla enkundleni,” kusho lo mdlali osemncane odabuka eDobsonville eSoweto.

“Besinecebo elihle lokuthi sizodlala kanjani futhi ngicabanga ukuthi silisebenzise ngendlela ebilindelekile nebifanele singabadlali.

“Sikulalelile futhi sakwenza obekufunwa wumqeqeshi uma siphethe ibhola noma selisilahlekelile. Yingakho sikwazile ukugcina siwinile,” kusho uBlom ngemuva komdlalo.

Kulo mdlalo iChiefs isebenzise nabadlali bayo abaningi abasuka enkulisa yayo. Kwabagqamile kubo singabala uHappy Mashiane, Blom noSabelo Radebe.

UBlom ujabule kakhulu ngokubona ozakwabo abasuka nabo enkulisa sebengena eqenjini elikhulu futhi benza ngendlela encomekayo.

FUNDA NALA: Kusolakala insangu kwabashiywa eqenjini lika-Under 23 lama-Olympics 

“Ukukhuluma iqiniso nje, kumnandi kakhulu (ukubona laba badlali eqenjini elikhulu). Kukhombisa ukuthi besizikhandla enkulisa. Ngijabule kakhulu ngokubona esisuka nabo enkulisa benza kahle.

“Lokhu kuveza ukuthi kukhona esikwenza kahle enkulisa yeqembu.” Uthe manje osekusele bakwenze wukuqhubeka bazikhandle ukuze bazuze okuthile noma sekuqale isizini.

“Siyazikhandla ejimini ngethemba lokuthi lokho kuzosizuzela imiphumela emihle,” kuphetha yena. IChiefs izovula isizini ngomdlalo onzima la izobhekana khona neMamelodi Sundowns kwiMTN8 ngo-Agasti 14.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.