UBlom uncoma ukulwa kwabeChiefs okusize bawine idabhi

UBlom uncoma ukulwa kwabeChiefs okusize bawine idabhi
UNjabulo Blom
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UNjabulo Blom ukholwa wukuthi ukuzinikela nokulwa okukhonjiswe abadlali beKaizer Chiefs yikho okusize ukuthi bashaye izimbangi zabo ezindala i-Orlando Pirates.

Lezi zinkunzi zeChiefs bezigadulisana emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo kwawina iChiefs ngo 2-1.

Amagoli amabili kaKeagan Dolly yiwona asize ukuthi iChiefs iphume ijabule kulo mdlalo.

ULinda Mntambo nguye oshaye elePirates ebibukeka ingawuwina umdlalo kodwa yagcina igobile. 

UBlom uthi umehluko phakathi kwabo nePirates wukuthi bebelwa ngayo yonke indlela.  

“Kuhlale kuwumuzwa omnandi ukuwina imidlalo, kodwa owomkhaya baseSoweto ungumdlalo ohlukile. Ngijabule ngiyafa,” kusho uBlom.  

FUNDA NALA: OwePirates ukhala uyazithulisa ngamathuba abawayeke beshaywa yiChiefs

“Bekungumdlalo onzima. Ngifisa ukubonga uMdali ngamandla nenhlakanipho asiphe yona, ukungifaka amandla. 

“Siyiqembu usiphe ukulwa nokuzinikela. Ngifisa ukubonga uMdali naglamaphuzu amathathu.

“Kubalandeli beKaizer Chiefs ngifisa ukuthi sanethembisa ukuthi siyohlale siwakhipha wonke amangwevu kuyo yonke imidlalo.

“Sikukhombisile lokho kulo mdlalo,” kusho yena. IDStv Premiership isazoya ekhefini njengoba kuyiviki lemidlalo yeFIFA. 

IChiefs izobuyela enkundleni ngomhla ka-21 kuNovemba seyigadulisana neMaritzburg United ekuhambeni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *