UBlom uthi izinhlezo zeChiefs ngeNedbank zingale komdlalo weTS Galaxy

UBlom uthi izinhlezo zeChiefs ngeNedbank zingale komdlalo weTS Galaxy
USiyabonga Ngezana noNjabulo Blom
OkaDonga Gumbi

Yiwona mdlalo obhekwe ngabomvu cishe nguwo wonke umuntu olandela ibhola eNingizimu Afrika ngoMgqibelo ngenxa yobutha obufufusayo phakathi kweKaizer Chiefs neTS Galaxy.

La maqembu, esingawachaza njengoGoliyathi noDavide ngokweBhayibheli, azovovana inkani emdlalweni weNedbank Cup eFNB Stadium ngo-6 kusihlwa.  

Umnikazi ophinde abe ngumengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi usekuveze kaningi ukuthi ufisa iqembu lakhe liphume linqobile njalo uma libhekene naMakhosi.

Lokhu kusukela ngesikhathi iRockets iswabisa izindimbane zabalandeli beMpofana beyigingqa kowamanqamu kuwo lo mqhudelwano eminyakeni emithathu edlule isadlala ehlathini. 

Nokho Amakhosi athi ngeke avele adunuse nje alinde uchatho lweRockets kwazise nawo anezinhlelo zawo ngalo mqhudelwano weKe Yona.

Isitobha seChiefs, uNjabulo Blom uthi bawulungiselele kahle lo mdlalo futhi babheke ukwenza kangcono kakhulu baphinde badlulele esigabeni esilandelayo. 

FUNDA NALA: UGomes uchaza ngokwamenza wanika uSalah impempe namakhadi

“Sisebenze ngokuzikhandla silungiselela lo mdlalo. Abadlali bakhombisa ukuhlangana kahle nabaqeqeshi nethimba lonke nje kunomoya owodwa.

“Inhloso yethu ukuthi sidlule kulo mdlalo wangoMgqibelo singene emzuliswaneni olandelayo,” usho kanje uBlom ekhuluma nabeChiefs.

UBlom uthi ukhule engumlandlei wayo iChiefs eyibuka iwina izindebe ubuthaphuthaphu kanti naye kwakuyisifiso sakhe ukwenza okufanayo uma esedlala kuleli qembu.

“NGesikhathi ngikhula ngangiyibuka iChiefs iwina izindebe, kwabe sekuzaleka isifiso nakimi sokwenza okufanayo. Nginesiqiniseko sokuthi akusimina ngedwa (lapha eqenjini) okhule elandela iChiefs futhi efis aukuwina izindebe nayo.

“Manje njengoba sengilapha nje, leyo yinto engizoyisebenzela kanzima ukuqinisekisa ukuthi iphupho lami liyafezeka,” kusho uBlom.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.