UBlom uyazikhandla lapho ebekwe ukuba adlale khona kwiChiefs

UBlom uyazikhandla lapho ebekwe ukuba adlale khona kwiChiefs
UNjabulo Blom
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UNjabulo Blom weKaizer Chiefs uthi akumkhathazi nakancane ukudlaliswa ezindaweni ezihlukene njengoba kwenzeka selokhu kuqale isizini.

Lo mdlali osemncane uke abonakale edlala esiswini maphakathi, kanti uyayibamba nasemuva kwesokudla.

“Ngidlala ngokuzimisela noma yikuphi lapho umqeqeshi enquma ukungidlalisa khona,” kusho uBlom oneminyaka engu-21.

“Noma kungathiwa yisesiswini noma emuva, ngiyangenza nje enkundleni ngijabule, ngisebenze kanzima.”

IChiefs izovakashela iMamelodi Sundowns emdlalweni okulindeleke ukuthi ushube weDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli ngeSonto ngo-5 ntambama.

UBlom uthe uwulungele lo mdlalo yize kade eyibambe kwiBafana Bafana ekuqaleni kwaleli sonto.

“Ngiwumqemane. Selokhu ngifikile izolo (ngoLwesithathu) ngiyaziphusha kakhulu uma siziqeqesha.

“Ngicabangaba ukuthi ngikulungele ukudlala ngeSonto.” ISundowns igcine iwashise ijezi iChiefs kwiMTN 8 sekukhahlelwa amaphenathi.

Ngabe uBlom ucabangani ngomdlalo wangeSonto? “Kuzobe kuwumdlalo wami wesibili ngidlala neSundowns, selokhu nginyuselwe eqenjini elikhulu.

“Emdlalweni wami wokuqala ngicabanga ukuthi ngadlala kahle ngoba ngalisiza iqembu ukuthi liwine umdlalo.

“Yilowo mdlalo ofika emqondweni wami uma ngicabanga ngokuthi sizobhekana neSundowns.”

IChiefs iwine ngo 2-1 ibhekene neSundowns ngesizini edlule koweligi. Kulo mdlalo iqale yalandela ngemuva ngo 1-0.

“ISundowns iyiqembu elihle kakhulu futhi iyakwazi ukugcina ibhola. Sizoya kuyona njengeqembu bese sizame ukuthola umphumela omuhle.

“Sizongena enkundleni sidlale ibhola lethu, senze lokhu umqeqeshi azositshela ukuthi sikwenze. Besilokhu sizama ukuqonda indlela yakhe (umqeqeshi) yokudlala.

FUNDA NALA: Usevele washiya kwi-Al Ahly uJohnson funwa yiPirates neRoyal AM

“Sizozama ukukwenza kahle lokhu esikwenza uma siziqeqesha, sisebenzise nekhono lethu,” kusho uBlom.

Uthe akumfaki nakancane ingcindezi ukuthi abalandeli balindele lukhulu kuyena kule sizini.

“Okufanele ngikwenze ukubhekisa ikhanda phansi, ngizithobe, ngenze umsebenzi ngokuzimisela. Ngiyakuthola ukwesekwa ekhaya, emndenini wami. Abangani bami nabo bayangeseka kakhulu.

“Eqinisweni nje ayikho ingcindezi engiyizwayo ngoba umqeqeshi usitshela ukuthi asingene enkundleni sijabule.
Sizozama ngakho konke ukuthola umphumela omuhle kwiSundowns.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.