UBobby weChiefs unesikweletu sentela ka-R90-million, umbiko

Inkampani okukhona kuyo imenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung sekuvele ukuthi izingelwa ngabaqoqi bentela kuleli
UBobby Motaung
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Inkampani okukhona kuyo imenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung sekuvele ukuthi izingelwa ngabaqoqi bentela kuleli ngenxa yesamba sika-R90-million ewukweletayo.

Umbiko oshicilelwe yiphephandaba langeSonto, iSunday World uveza ukuthi iNthwese Investment Holding Consortium ilengela eweni.

Kuthiwa iSARS seyiwine icala enkantolo kwakhishwa umyalelo wokuthi kudliwe zonke izimpahla zale nkampani ukuze zidayizwe bese kukhokhwa lesi sikweletu.

Le mali kuthiwa yingxenye esele esikweletini sika-R97-million okweletwa yile nkampani kwabeentela. Ngokwalo mbiko, uMotaung uyiphethe ngokubambisana nabanye le nkampani.

Kubo kukhona uReitumetse Huntley, Hebert Theledi noJob Sikhosana. Inkantolo ephakeme yaseThekwini iyona ekhiphe umyalelo wokuba kudliwe izimpahla zale nkampani.

Ibe seyiqoka abazokwenza lo msebenzi oHerman Bester no-Amanda Khanyisa Bikani. Kuthiwa laba sebethe uma belandela umkhondo bathola ukuthi kunemali ebinikwa inkampani uBobby ayisungule noyise uKaizer Motaung iKaizer Holdings.

Kuthiwa isondele ku-R8-millon imali efakwe kwiKaizer Holdings kucashiswa ngokuthi iyabolekwa ngoba kubalekelwa intela.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.