Ubona iChiefs ingayigingqa iWydad uKekana weSundowns

Chiefs Wydad Sundowns
UBernard Parker weKaizer Chiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uma ubheka isimo samaqembu womabili, kulula ukubona iKaizer Chiefs izokhala ngaphansi uma seyobhekene neWydad Athletic yaseMorocco ngoMgqibelo. La maqembu azokhiphana inkani eStade Mohammed V ebanga ukuzibekisela indawo emdlalweni wamanqamu kwiCAF Champions League

Lona kuzobe kungumlenze wokuqala futhi owesibili uyoba kuleli eFNB Stadium ngoJuni 26. Njengoba kungabhekwe lutho kwiChiefs, ukaputeni weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana uthi yikho lokho okungawasebenzela Amakhosi.

“Yindawo enhle le asebezibeke kuyo, futhi uma ubheka amathuba abo aphezulu ngoba bayiqembu elingesabi lutho – yiKaizer Chiefs leyo,” ucashunwe esho kanje uKekana kwiSowetan.

“Abakaze babe kule ndawo abakuyo, futhi lokho mina ngikholwa wukuthi akukho okuzobalahlekela okungabenza besabe.

“Akukukhulu okulindelwe kubo, futhi kumnandi ukudlala kwiChampions League kungalindelwe lutho kuwe. Kungekho obheke ukuthi kube khona okwenzayo.

“Mina yingakho ngibabona bengafika kowamanqamu. Ukukhuluma iqiniso nje, uma nje bezoqhubeka badlale ngale ndlela abebevele bedlala ngayo banethuba,” kuchaza uKekana.

Ube eseyixwayisa ngabadlali beWydad abathathu abavamise ukuba yingozi oMohamed Ounajem, Ayoub El Kaabi noSimon Msuva. Uthi uma bengagada bona, baqinisekise ukuthi abazenzeli kungabe sebeyenzile ingxenye yomsebenzi odingekayo.

“IWydad yiqembu elikhaliphile. Abadlali bayo abathathu ehlasela ngabo o-Ounajem, El Kaabi noMsuva bayakwazi ukuvela ezikhaleni. Kumele babaqaphe, uma benze njalo angiboni bezoba nenkinga.

“Yibo laba bobathathu abayingozi kakhulu, iChiefs kumele igade bona futhi kuyobe izehlisele umthwalo uma yenze njalo,” kusho uKekana. IWydad yayibhabhadisa ngo 4-0 iChiefs emzuliswaneni wamaqoqo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *