Ubona ingozi yokuzifaka ezikweletini uKadodia ofake iMaritzburg endalini

Ubona ingozi yokuzifaka ezikweletini uKadodia ofake iMaritzburg endalini
Usihlalo weMaritzburg United, uFarouk Kadodia
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ngesikhathi kubhekwe ukuthi sande isibalo amaqembu aKwaZulu-Natal ayibamba kwiDStv Premiership sekuvele izindaba ezingezinhle zokuthi iMaritzburg United iyadayiswa.

Ngaphezu kwalezi zindaba akukacaci ukuthi iRoyal AM izogcina inyukele yini kwiPremiership njengoba kunomdonsiswano wecala phakathi kwayo neSekhukhune United.

Uma iRoyal AM igcina ilahlwe yicala yadlala imidlalo yokuhlunga, kuzosho ukuthi asikho isiqiniseko sokuthi izonyuka. IRichards Bay FC nayo izodlala imidlalo yokuhlunga kodwa ukuba khona kweChippa United kule midlalo kwenza isimo sishube.

Izindaba zokuthi iTeam of Choice isifakwe endalini zishicilelwe yiphephandaba iWitness ekuqaleni kwaleli sonto eliphelayo. Ngesikhathi Impempe.com ithinta uFarook Kadodia, ongusihlalo weMaritzburg, ukuthi aphefumule mayelana nalokhu, uvele wakhomba intatheli kwiWitness, wathi ayifunde yona ngoba uchaze konke kuyona.

“Konke ngikuchaze kahle lapho nokuthi iyiphi indlela esizoyilandela. Kungakuhle ufunde lolo daba,” kusho uKadodia ngoLwesihlanu ntambama.

Okuvelayo ukuthi ngemuva kokuthi kushicilelwe udaba lokuthi iyadayisa iTeam of Choice, uKadodia ube esethola izingcingo zilandelana. Ngokusho kukaKadodia izingcingo abezithola beziza nokuhlukene.

“Izingcingo eziningi bezivela kubantu abebemangele ngalokhu okushicilelwe ephepheni, kanti abantu ababili abafone beseGauteng bathe bangathanda ukuthenga iqembu,” kusho uKadodia kwiWitness.

Isizathu esibekwe uKadodia sokudayisa iqembu ukuthi ayikho inzuzo etheni abayenzayo eqenjini kanti izikweletu zilokhu zikhula ngamandla.

Uma kugcina ngokuthi idayiswe iMaritzburg kukhona abadlali abazozithola belahlekelwa imisebenzi ngoba akubona bonke abazothengwa neqembu.

Mhlawumbe leli kungaba yithuba elihle likaShauwn “MaMkhize” Mkhize ukuthi athenge iTeam of Choice uma iqembu lakhe iRoyal AM, ligcina ngokuhluleka

ukuzinyukela lona ukuya kwiPremiership.

Siphinde sathola ukuthi esinye isizathu esenza uKadodia acabange ukuliyeka ibhola wukuthi umasipala waseMgungundlovu, uMsunduzi uzoyeka ukubaxhasa ngemali. Lo masipala ubufaka uR15-million njalo ngonyaka ukusiza leli qembu.

Nokho abezinhlangano zepolitiki endaweni bashaya amakhala ngalokhu, bathi ababoni ukuthi kungani kufakwa imali engaka kuleli qembu libe liyibhizinisi elizimele. Nokuhluleka kwalo ukusebenzisa abadlali basendaweni emaqenjini alo ezinkulisa kulidalele iququ elibi. Imizamo yeMpempe yokuthola umasipala ukuthi uphawule ngalokhu, ayiphumelelanga.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *