OkaDonga Gumbi
Ukhiphe umlayezo wokubonga ukwesekwa nempatho kwiKaizer Chiefs uDumisani Zuma osanda kukhonjwa indlela kuleli qembu.
UZuma nabanye abadlali abangu-13 bakhonjwe indlela kuleli qembu laseNaturena ekupheleni kwesizini edlule.
Nokho okubalulekayo ngoZuma wukuthi yena akachithwanga ngoba iqembu lingasamdingi kodwa bekungenxa yokuthi ubenzaziphethe kahle selikhathele nguye.
IChiefs yakucacisa ukuthi isizathu sokuxoshwa kwakhe wukuthi ubesekhuzwe kaningi enza izinto eziphambene nezingavumelekile kumdlali wakulesi sigaba.
Nokho yena ukhombise ukungayibambeli gqubu iChiefs njengoba evalelise kahle ngomlayezo omuhle awubhekise kuleli qembu wawuphanyeka kwi-Instagram wakhe.
“Ngiphakamisa ukubonga ngokwesekwa nemfudumalo engiyithole kwiKaizer Chiefs kule minyaka embalwa edlule,” kusho uZuma.
“Kubaphathi beKaizer Chiefs, ithimba labaqeqeshi, abadalli nabalandeli bebonke, ngiyabonga ngethuba engiphiwe lona lokudlalela leli qembu elikhulu kangaka.
FUNDA NALA: UMemela usephenduke inyama kulandela ukugxalwa kwakhe AmaZulu
“Nangenza ngaba nokuzethemba ngokukhangisa ngekhono lami phambi kwezigidi zabantu baseNingizimu Afrika abathanda unobhutshuzwayo,” kusho lomdlali osezogijima kuMaZulu FC.
“Ukugxekwa engikutholile kungakhile, kwanginika amava nezifundo kulesi sikhathi ngilapha. Amakhosi for life,” kusho yena.
UZuma usesheshe walithola ikhaya elisha njengoba Usuthu lugxume lwamsayina. Umengameli woSuthu uSandile Zungu wathi uhlale naye kahle phansi babonisana.
Uthi uyamethemba ukuthi ngeke akwenze Osuthwini lokhu okugcine sekumphendula inukani eNaturena.