Ubonge iphuzu iBaroka ibabhincisela nxanye oweMaritzburg

UThabiso Kutumela

OKADONGA GUMBI

Uziduduze ngokuthi ukuthola uhhafu wesinkwa kungcono kunokungatholi lutho umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst Middendorp kulandela ukubambana neBaroka FC ngoLwesihlanu kusihlwa.

Lo mdlalo weDStv Premiership obuseHarry Gwala Stadium uphele kungu 1-1, kanti uMiddendorp ulamukelile iphuzu elilodwa yize ebengafisa ukuthola aphelele abezobaqhelisa ezindaweni zezembe.

ITeam of Choice ihlezi endaweni ka-13, kanti isenamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-22, kanti ishiya iChippa United esendaweni ka-15 ngamane.

Ukube iwinile ngabe iqhele ngamaphuzu ayisithupha ezindaweni zezembe. Kodwa imizamo yayo ayizange iphumelele kwazise neBakgaga ibingazibekile phansi.

“Akuwona umphumela omuhle lona, kodwa ngethemba ukuthi leli phuzu liyosisiza ekugcineni uma sekuqoqwa,” kusho uMiddendorp.

“Sizamile ukwenza izinguquko esiwombeni sesibili ukuzama ukubagqekeza emuva kodwa akwangalunga ngoba sihlelekile ukuthola igoli,” kusho lo mqeqeshi odabuka eGermany kodwa osenobuzwe bakuleli.

IMaritzburg yiyo ekore kuqala njengoba kuthe ngomzuzu ka-24, uThabiso Kutumela elivalele enethini ngemuva komdlalo omuhle kaDylon Classen.

Nokho iBaroka yenqabile ukubuyela eLimpopo ilathazela, kwathi ngomzuzu ka-32, u-Evidence Mkagopa walishaya elokullinganisa.
Yize womabili la maqembu ezamile ukuthola igoli lokuwina, kodwa agcine evumelene ngokucazelana amaphuzu, indoda nendoda ihambe nelilodwa.

UMatsimela Thoka weBaroka yena uthe uyaziqhenya ngendlela abafana bakhe abazikhandle ngayo ukuphuma nephuzu.

“Badlale kahle kakhulu abafana bami, bekungumdlalo weziwombe ezimbili, esiwombeni sokuqala besizama kodwa bekungavumi kahle.

“Kodwa ngijabule ngoba yize siqede singasaphelele abafana abazange badembesele. Bazikhandlile, balwa kwaze kwaba sekugcineni.

“Kungijabulisile lokho ngoba siqoqe iphuzu ekuhambeni kanti uma ulihlangabisa namathathu esibuye nawo kwiChippa United kwemza abe mane okuyinto enhle kakhulu,” kusho uThoka.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.