Ubonge ithimba nabadlali uMcCarthy obengezwakali eneme ngokuwina kwakhe indondo

Benni McCarthy of AmaZulu eneme
UBenni McCarthy
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ukuwina indondo yokuba nguMqeqeshi oVelele kwiDStv Premiership kufanele ukuba yisigxivizo sokuthi usungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Nokho uBenni McCarthy waMaZulu FC ubengezwakali njengomuntu osanda kuwina indondo emchoma uphaphe lweGwalagwala ngesikhathi ephawula ngeyakhe.

Mhlawumbe kwenziwa wukuthi ukunikwa kwakhe lo mklomelo ngaphambi kukaManqoba Mngqithi noRulani Mokwena kususe ukukhalaza. Abaningi abenelisekile ngalokhu kwazise phambilini bekuyaye kube ngumqeqeshi owine iligi ohlonywa lolu phaphe.

“Bengingeke ngikwenze engiwenzile ngaphandle kwethimba lami. Bayazikhandla laba bantu. Ukwethembeka nokungigqugquzela kwabo yikho okwenza nami ngihlale ngifuna ukwenza kangcono,” kusho uMcCarthy.

“Sikwazile ukuwelisa iqembu silifake emidlalweni yeCAF Champions League. Kodwa okumele banconywe kakhulu lapha ngabadlali. Bakhombise ukuzimisela kusukela ngifika lapha.

“Ngiyabonga kakhulu ngokuzikhandla kwabo nokuhlale bevulelekile ukuthi bafunde izinto ezintsha. Bebezimisele ukusiza ngayo yonke indlela. Ngibonga nabakwaZungu ngokunginika ithuba lokuqeqesha leli qembu.

“Ngonyaka ozayo sibheke ukuba nesizini enhle la sizobe sifuna ukulwela khona izicoco bese senza kahle nakwiChampions League,” kuchaza yena. UMcCarthy ufike Osuthiwni isizini isiphakathi kodwa wenza omuhle umsebenzi.

Uluthathe lusendaweni ka-13 waze wayophelela nalo endaweni yesibili njengoba selizodlala kwiChampions League ngesizini ezayo. Nokho uqede esele ngamaphuzu angu-13 wonke kwiMamelodi Sundowns ebe ngompetha.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.