UBongiwe ufisa idlalwe nsukuzonke imidlalo yendabuko

UBongiwe ufisa idlalwe nsukuzonke imidlalo yendabuko
UBongiwe Funeka (ophakathi nendawo)
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

UBongiwe Funeka waseMgungundlovu ugile izimanga emidlwalweni yesintu njengoba ephinde wazidlela amahlanga kumlabalaba.

Ubesenqoba okwesithathu kulandelana ezingeni likazwelonke. Le ntokazi eneminyaka engu-18 ithi yajubula kakhulu ukunqoba lo mgqudelwano

Ithi ayikaqedi ngoba nangonyaka ozayo ifuna ukuphinde ikhonye kulo mkhakha.

Ubengomunye obekule midlalo ebibanjelwe ezinkundleni ezehlukene eThekwini kusukela ngempelasonto edlule yaphela kuleli viki.

“Isifiso sami wukuthi le midlalo kungabi yinto esiyenza kanye ngonayka kodwa igcine sekuyinto esiyenza jalo ngezimpelasonto njengeminye imidlalo.

“Siyanxusa ukuthi uhulumeni afake isandla ephaketheni afukule le midlalo yesintu ngoba ingavelela nakwabanye bezizwe zomhlaba.

“Bangawuthanda njengoba kwenzeka komunye umdlalo wase-America odlalwa njengebhola lombhoxo nosudumile futhi ulandelwa kakhulu kuleliya lizwe,” kusho uBongiwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.